INTOKAZI esanda kuthatha isicoco sesizini yesi-16, ohlelweni i-Idols SA, uZama Khumalo (19), useveze ukuthi abantu abanake izindaba zabo njengoba engeke aziqinisekise izindaba zokuthi uyajola noma cha.
Muva nje kunemibuzo yokuthi ingabe uZama nozakwabo akade enaye kulolu hlelo uBrandon Dhludhlu, basothandweni noma cha?
Le mibuzo isuswe izithombe ezihlukene zalaba ebezifakwa yibona emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana.
Laba bebefaka izithombe bebambene kuhle kwezithandani ezindala.
Ekhuluma neSolezwe uZama, uthe ngeke aze akhulume ngezindaba zakhe zothando.
“Uyabona le ndaba, abantu abazibuza yona abanye asebesithathile isinqumo sokuthi mina noBrandon siyathandana, abaqhubeke nayo kodwa mina angeke ngize ngiphawule ngayo. Abantu ngiyacela abagxile ezindabeni zabo bayeke le yami,” kusho uZama ngamafuphi.
Uthe abantu abadinga ukukwazi ukuthi maduzane uzobuyela eGoli, la ayoqala khona ukugxila emculweni aqophe ne-albhamu yakhe esitebeleni iKalawa Jazmee.
“Ngifuna ukwazi kabanzi ngomculo njengoba ngifuna ukusebenza nabaculi abahlukene emculweni ngiphinde ngiye esikoleni ngiyofunda kabanzi ngomculo. Ngifuna ukusebenza nabaculi abafana no-Amanda Black nabanye baseKalawa okudala ngifisa ukusebenza nabo,” kuchaza uZama.
Uthe alukho uhlobo lomculo afuna ukugxila kulona kodwa uzokwenza noma yimuphi umculo ofikayo ngaleso sikhathi.