UMSAKAZI woKhozi FM othandwa abaningi ngomusa namancoko, uMroza Buthelezi udlulise enduduzo kunontandakubukwa obuye abe ngumethuli wezinhlelo osanda kugilwa yisoka lakhe, uLaSizwe.
UMroza uveze ukuthi isigameko sokugileka kukaLaSizwe simvusele iminjunju yokwaliwa yisoka engalonanga ngalutho. Lo msakazi uveze lokhu ohlelweni lwantambama iSisonke Drive alwethula noMzokoloko, uthe lo mshophi wamehlela eminyakeni eminingi eyedlule kodwa uma ecabanga ngakho kuvele kuzwele engathi yinto eyenzeke izolo.
Uthe lokhu kwamehlela ngosuku olukhulu lokuhlukanisa unyaka, ngalowo mzuzu wayetetemuka nabanye kumnandi bengcebeleko olwandle kanti isoka lihlela ukumala.
"Awufuni ukudlula lo myalezo Mzo, ngempela ngiyadinga ukwelulekwa ngoba noma sengimdala ngingaka manje kodwa umyalezo wahlala. Cha, wagadla mfowethu," kusho uMroza ephela insini. Okumangaza kakhulu ukuthi le nsizwa ayigcinanga ngokucela bahlukane kuphela kodwa yaphinde yavuvuzela usawoti esilondeni
"Waze wakugcizelela impela ukuthi uyabona sengathi impilo yami imile. Ifana nesiqeda ngakho ngeke akwazi ukuthi siqhubeke," kusho uMroza. U
Mzokoloko ubelokhu emduduze njalo uzakwabo. Kuphinde kwavela ukuthi leli soka labuye lazisola ngokuhamba kwesikhathi selibona uMroza esimama kwasho khona ukuthi wawuzwa kahle umyalezo njengoba usankeneneza namanje ezindlebeni.
UMroza ungomunye wabasakazi boKhozi abahlala benconywa ngokuba nobuntu nokuhlonipha umsebenzi nabalaleli nokumenza ahlale ehamba phambili. Ngaphandle kwalokhu uma kuziwa endimeni yezokusakazi ukhombisile ukuthi alukho uhlelo olungamhlula njengoba ekwazi ukusakaza ngesikhathi ezahlukene kanti nezinhlelo asezenze kulo msakazi seziningi kakhulu.