UPHROJUSA womculo weHouse wakuleli osedume umhlaba wonke, uBlack Coffee uthi akayingeni eyokuxolisa ngakusho ngengane enebala elimhlophe ngesikhathi ephendula owesifazane obeyingxenye yabantu abebenza amahlaya ngaye enkundleni yokuxhumana iTwitter.
UBlack Coffee ube sematheni ngempelasonto abantu bebhala ngaye kulandela ukusabalala kwezithombe zowesifazane okusolwa ukuthi isinqandamathe sakhe esisha njengoba ehlukana nenkosikazi yakhe uMbali. Kuthe kusukwa lapgho kwahlekiswa ngikukhubazeka kwakhe, nokuyilapho agcine esephendula khona uBlack Coffee ekhalaza.
Lo wesifazane ube esembhalela wathi abantu bazifunela ukuhleka badlule, kulandela umbhalo kaBlack Coffee.
UBlack Coffee ube esembuza ukuthi ungena kanjani kulolu daba uMbali. Emuva kwalokho wambuza lo wesifazane ukuthi kungamphatha kanjani uma abantu bengenza ihlaya ngengane yakhe. " Bahlekeni ngempela? Kade ngibheka ikhasi lakho, ungahleka wena uma abantu benza ihlaya ngokuthi ingane yakhe iyi-albino?," kubuza uBlack Coffee.
Leli ciko lizodonsele amanzi ngomsele ngalo mbuzo abanye beveza ukuthi njengabanye abazi bezingane ezinebala elimhlophe awehlanga kahle umbhalo kaBlack Coffee. Abantu bamgxeke ngokuthi besingekho isidingo sokuthi afake ingane yalo wesifazane ngoba ayingeni odabeni lwabo.
Yize kunjalo bakhona nabalokhu beme naye uBlack Coffee bethi wenze kahle wamphoxa lo besifazane ngoba ukhombisa ukugaxela ezindabeni ezingamfuni. UBlack Coffee uphinde wabhala eveze ukuthi abantu abayeke ukusheshe bazwele uma eseziphendulela ngoba kade abantu begaxela ezindabeni zomndeni wakhe. Uphinde wakuveza nokuthi kade abantu bamqala bephawula nangokukhubazeka kwakhe engakhulunyelwa umuntu, uma eseqala ukuziphendulela sekuyalumela kwabanye.