ASIPHAWULI isilomo somculo weGqom’ kulandela ukusabalala kwezithombe zaso abantu besibabaza ngokwehla kwesisindo somzimba.
UBabes Wodumo uthuse abaningi emuva kokusabalala kwezithombe zakhe ngempelasonto kulandela ukuthathwa kwabo benoDladla Mshunqisi beseMlazi Eyadini. Laba bobabili bebe ngabanye bosaziwayo abebeyizimenywa kule ndawo yobumnandi ekhonzwe abaningi.
Ikhasi lakule ndawo elitholakala kuFacebook lisabalalise izithombe zikaDladla noBabes Wodumo ngesikhathi betheleka Eyadini ngoLwesihlanu, yilapho kusuke khona umsindo abantu bebaza ukuncipha kwakhe. UBabes akakaze asho lutho noma aphawule ngokushiwo ngaye ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu akuqali ukwenzeka njengoba nanyakenye zike zasabalala izithombe ezifuze lesi ngasekupheleni konyaka.
Ekhuluma naleli phephandaba uBabes ebuzwa ngokuthi uzizwa kanjani ngokukhathazeka kwabantu ngokuncipha kwakhe waveza ukuthi akumkhathazi nakancane. UBabes wathi uyazibona zonke izinto ezishiwo ngaye ezinkundleni kodwa ukhetha ukungazifaki enhliziyweni. Yize engazange akhulume agxile ngalokhu kodwa wakuveza ukuthi angeke aphawule nakancane ngakho ngoba kungabe ujabulisa abantu abamkhuluma kabi.
UBabes akuyena yedwa okukhulunywe ngaye ngalezi zithombe njengoba nozakwabo uMshunqisi ebe sematheni, abantu bengawuvali umlomo ngebhulukwe lakhe bethi ugqoke ilegging yabesifazane. Leli bhulukwe elifika emadolweni likaMshunqisi beligabe ngemibala emihle egqamile yasehlobo nokungokunye yezinto ebebekhuluma ngazo abantu ngebhulukwe lakhe. UMshunqisi naye akazange azikhathaze ngokulokhu ephawula echaza ngomswenko wakhe.