BEKUPHUME nosaziwayo emjahweni weNtenga Foundation wokuqoqela izingane ezihlwempu izicathulo eShaka Marine World ngoMgqibelo ekuseni.
Umjaho ubuhlukene ngamabanga okungu-10km no-5km kanti ubusuka eMoses Mabhida Stadium.
Abalingisi bomdlalo okwi-e.tv Imbewu: The Seed basebenzise lo mcimbi ukuzethula ebantwini njengoba umdlalo wabo usemusha.
Ngaphandle kwabo abanye osaziwayo abebekhona ngumsakazi woKhozi FM ophinde abe ngumlingisi kulo mdlalo, uTshatha Ngobe, obegijima u-10km.
Bekukhona nosomahlaya uMondli Mzizi othe ushaywe wuvalo wagijima u-5km ekubeni ubebhalise ukugijima u-10km. Uthe kodwa ngonyaka ozayo uzowugijima ngoba umzimba uyavuma. Bekukhona noDJ Nzwiri, umlingisi weGenerations: The Legacy uBrenda Mhlongo, Sbahle Mpisane, Jacinta Ngobese nabanye.
Ngemuva kokugijima kube nedili lomculo lapho bekudlala khona uDJ Zero, Nzwiri, Kotin nabanye.
UBrenda udalule ukuthi uyabazi ubunzima bokuya esikoleni ngaphandle kwezicathulo.
Uthe kungalesi sizathu ezibandakanya nomkhankaso.
“Ngaqala ukuzihlanganisa nalo mkhankaso eminyakeni emine eyedlule ngathi ngizoba wumphathi wohlelo mahhala. Ngoba anginayo imali ngathi anginikele ngesikhathi sami,” kusho yena.
Uqhube wathi: “Ngangingenazo izicathulo ngikhula ngihamba ebusika kunamazolo.”