BEKUKHANDENE osaziwayo emshadweni womlingisi weSibaya, uNhlanhla Mdlalose, noPercy Mdladla eDongala Hotel, eMnambithi, ngoMgqibelo.
UNhlanhla ulingisa indawo kaBongani emdlalweni okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Izithandani kazilufihli uthando lwazo kangangokuthi uNhlanhla akanqeni ukufaka isithandwa sakhe ekhasini lakhe lika-Instagram.
Phakathi kosaziwayo abebekhona kubalwa ozakwabo beSibaya uNomzamo “Thandeka” Mbatha, Ayanda “Phumelele” Borotho, Lerato “Samkelo” Mvelase, Muzi “Duma” Mthabela, Asavela “Ntwenhle” Mngqithi, Mdu “Ntandane” Gumede nabanye. Bekukhona nonontandakubukwa weTheku uThah Simelane, Ayanda Ncwane, umculi uMpumi, umhleli woMsinga DriftKhana uSmanga Mabaso, Jabulani “Cashflow” Ngcobo, Siyabonga Nkosi, Reggie Nkabinde, Linda “Mr Magic” Sibiya nabanye.
U-AYANDA Borotho olingisa emdlalweni Isibaya nengoduso kaMnuz Jacob Zuma, uNonkayiso Chonco nabo abebesemshadweni
Bekuthiwe umshado uzoqala ngo-10 ekuseni kodwa uze waqala ntambama.
Izimenywa bese zifikile zilokhu ziqhabula ama-cocktails.
Esangweni bekumi onogada abebebheka igama ngaphambi kokuthi umuntu angene. Bathe amagama abantu abaningi abengekho kodwa umyeni ubede eshaya ucingo ethi abangeniswe.
Kuthe ngabo-3 ntambama kwaqhamuka ujenga lwezimoto zikanokusho okubalwa kuzo amaBMW i8, Bentley, obekuyiyo ebithwele umyeni, Range Rover, BMW M4, Maserati nezinye.
Umkhwenyana ungene lapho bekushadelwa khona otshanini phandle, ngo-3.22. Kube sekulindwa umakoti oze wangena ngo-4.06 ntambama kwasuka ubulilili omama bekikiza. Ungene eshaya umcathu kaBhovungana ephelezelwa yinkondlo ebihaywa yimbongi uSbo Da Poet, owumlingisi weSibaya. Umfundisi ushaye ngezinqamulelayo ngaphambi kokuthi izithandani zingene emotweni zihambe izimenywa kwathiwa azisale zibambe okuya ngezansi kwempumulo.
USimphiwe Majola ubelokhu ephithizela kwazise nguye obengumhleli. Kube sekungenwa etendeni kwaqhubeka umgcagco.