ABAFUNDI bakaGrade 12 bazolulekwa bukhoma ngosaziwayo kwithelevishini njengoba izolo kuleli beqale ukubhala izivivinyo zokugcina kulo nyaka.
Isiteshi sakwaSABC1, sizosiza abafundi ngolwazi lwezifundo abebezenza njengoba sizosakaza bukhoma uhlelo lwezemfundo iGeleza Nathi ngokubambisana noMnyango weMfundo eyiSisekelo kuzwelonke.
Uhlelo luzohlomisa ngezifundo ezahlukene. Luzongena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-5 ekuseni, luphele ngo-6 ekuseni.
Luqale izolo luzophela ngoNovemba 30, sekuqedwe ukubhala. Kosaziwayo abazobonakala futhi bekhuthaza abafundi kukhona intokazi eyake yethula uhlelo iYo-tv, uHulisani Ravele, uDJ * -Ayanda MVP, umsakazi uMasechaba Ndlovu noMelody Miya.
Obhekele izinhlelo kwaSABC, uSanelisiwe Zondi uthe babone ukuthi bafake isandla lapho kudingeka khona.
“Othisha abazobonakala bazobe bethinta lapha nalaphaya ezifundweni ezingu-9 esizozikhombisa ohlelweni. Kuzobonakala othisha abazobe bebheka izifundo, okukhona kuzo iMathematics, Physical Sciences, English, Life Sciences, History, Geography, Business Studies, Economics ne-Accounting,” kuchaza uSanelisiwe.
Uthe wothisha abaqeqeshwe kakhulu abazobonakala ohlelweni, bazobheka emaphepheni abafundi abawabhala phakathi nonyaka.
“Bazobheka lawo maphepha, banikeze izimpendulo ezizosiza kakhulu abafundi abenza leso sifundo. Nabo abafundi bazothola ithuba lokubuza imibuzo ehlukene, babheke izimpendulo emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana. Kuzoba khona nenamba lapho bezobona khona konke abakufunayo kuWhatsApp,” kuchaza uSanelisiwe.
Uthe kuzoba khona nentsha ezothula uhlelo okukhona kuyo uSiyabonga Gwala, Destiny Toli noCaddy.