KULINDELEKE ukuthi ludonse amehlo abantu abaningi uhlelo lwamahlaya losaziwayo abahlukene abazogcona uMinnie ngempilo yakhe esiqeshini esizokhonjiswa kuShowmax ngenyanga ezayo.
Uhlelo iRoast of Minnie Dlamini kulindeleke ukuthi luqoshwe eSandton Convention Centre, lapho kuzoba khona nomcimbi ozobophela osomahlaya abangaphezu kuka-50, abazowaqhulula ngezilimi ezahlukene zakuleli.
Kosaziwayo okulindeleke ukuthi baphendule impilo kaMinnie ihlaya kubalwa omkhaya bakhe uCeleste Ntuli, Robert Marawa, Trevor Gumbi, Shahan Ramkissoon, Lasizwe, Penny Lebyane, Da L.E.S noSiv Ngesi.
Osomahlaya okukhona kubo uTumi Morake noJason Goliath bona bamenyezelwe njengabazophatha uhlelo.
ULaura Cooke, weShowmax uveze ukuthi lolu hlelo kuzoba ngolunye oluzoba semlandweni olwake lwenzeka kuleli.
“Izinhlelo zase-Afrika ezithinta amahlaya ngezinye esifuna ukuthi zande nakakhulu esiteshini iShowmax ziqhubeke zijabulise ababukeli bethu. ”Yilokho abantu abafuna basazi ngakho hhayi nje ngemidlalo nezinhlelo ezikhombisa izimpilo zosaziwayo nezabesifazane.
“Ngakho asingabazi ukuthi iRoast of Minnie Dlamini izojabulisa abaningi, hhayi nje la ekhaya kuphela kodwa nakwamanye amazwe angomakhelwane bethu,” kuchaza uLaura.
UMinnie ngesikhathi kuvela lezi zindaba wathi ujabule ngokuthola ithuba elifana naleli.
Waveza ukuthi leli ithuba likhulu kuye njengoba kuzobe kugqanyiswa umsebenzi wakhe awenzile endimeni yezobumnandi.
Wathi konke okuzoshiwo ngozakwabo azobe enabo esiteji ngeke akufake enhliziyweni ngoba kuzobe kudlalwa.