BEKUQHUMA umlilizelo ngesikhathi uXoli Zondi noPhiwayinkosi “Bravo” Zamisa bebopha elikasofa silahlane eHillcrest ngoLwesihlanu
OSAZIWAYO abaningi bebeshada kule mpelasonto. UKhaya Mthethwa ubeshada noNtandoyenkosi obenguMiss South Africa, uXoli Zondi ongumlingisi eshada noPhiwokuhle “Bravo” Zamisa kanti uSbo Da Poet olingisa kwiSibaya ubeshada noNoluthando Maseko.

Bekusindwe ngobethole emshadweni womlingisi owaduma kwiGenerations neFamily Bonds kuSABC1 obeshada emcimbini oqale ngoLwesihlanu eCity Hill, eHillcrest waphelela kwamkhwenyana eMthwalume izolo.

UXoli ushade noZamisa oyikhansela laku-ward 12 kuMasipala waseMzumbe. Lo mshado uqale ilanga seliyozilahla kunina kanti ubuhambisana neyesimanje njengoba ubuwenzelwe endaweni evulelekile.

Umshado wabo ubuhlukaniswe izigaba ezimbili. Esokuqala ngesomshado omhlophe olandelwe ngowesintu nomabo.

BEKUQHUMA umlilizelo ngesikhathi uXoli Zondi noPhiwayinkosi “Bravo” Zamisa bebopha elikasofa silahlane eHillcrest ngoLwesihlanu


Injabulo emndenini yabashadayo ibibhalwe ebusweni kubonakala ukuthi belubhekwe ngabomvu lolu suku.

Ngo-Agasti uZamisa ubekade embesa emcimbini owawuhanjelwe yizicukuthwane, osaziwayo kwezokungcebeleka nezitatanyiswa zezepolitiki.

Emasontweni edlule uXoli ubenzelwe iBridal Shower nokuwumcimbi wokwandulela umshado ngabangani bakhe eGoli.

Kulo mshado imibala ebisetshenzisiwe ngo-navy nomhlophe obuhambisana nesudi kamkhwenyana nezingubo zabakhaphi.

UKhaya ongumculi wokholo ophinde asakaze kwiMetro FM wenze esifanayo eshadelwa ngoke waba nguMiss South Africa 2016 uNtandoyenkosi. Bashadele esifundazweni iMpumalanga kubo kaNtandoyenkosi.

USbo Da Peot waseMandawe, eScottburgh ophinde alingise kwiSibaya kuMzansi Magic ubophe elikasofa silahlane noNoluthando eVryheid izolo.

Bobabili uSbo noKhaya bebengazibekile phansi ezinkundleni zokuxhumana bencoma ubuhle, bekhombisa nokujabulela ukudlulela esigabeni esilandelayo sempilo.

Lokhu bekuhambisana nemilayezo emihle bebongelwa ngabangani babo ngegxathu lokuba ngabanumzane.