ELAWINI LIKA-MAGUMEDE
[Isexwayiso: Leli khasi alibalungele abafundi abaneminyaka engaphansi kuka-18 ubudala]
SINGABANTU siphila ngaphansi kwezimo ezingafani futhi kanjalo nemisebenzi esiyenzayo ayifani kodwa okusalayo nokubalulekile siyakwazi ukuziphilisa ngayo siphinde sondle nemindeni yethu.
Emasontweni edlule ngike ngabhala ngabashayeli bamatekisi nangendlela abachoma ngayo uma kuza kwezocansi, namhlanje ngifisa ukukhuluma ngonogada nokungabantu iningi lethu elibabukela phansi ngenxa yokuthatha kancane umsebenzi abawenzayo.
Imvamisa onogada akusibo abantu abakhonze ukuchoma kodwa bayayazi indaba yabo ukuthi nje thina sibathatha kancane ngoba sikholwa ukuthi ayikho imali abayiholayo futhi sizitshela ukuthi abancwadile kanti sishaye phansi kwashunqa uthuli.
Uthi bewazi nje ukuthi kukhona onogada abafunde futhi abahlakaniphe ukudlula labantu esicabanga ukuthi bahlakaniphile noma bafundile?
Yebo kungenzeka ukuthi bakhona abahola amakinati kodwa akusibona bonke nakhona bakhona abahola kangcono njengayo yonke imisebenzi nakhona kunezigaba zakhona.
Onogada nabo bangabantu futhi banemindeni kanjalo bayadinga nokunikezwa uthando njengawo wonke umuntu.
Onogada nabo banempatho futhi mhlawumbe engcono kabi kuneyabanye abantu abasebenza kahle.
Ningangizwa kabi angincomi onogada ngoba ngibathanda futhi angijoli naye kodwa ngiyabazi ngike ngathi ukwenza ucwaningo olunzulu ngabo.
Onogada isikhathi esiningi umsebenzi wabo uyabamisa futhi uyagqilaza ngakho-ke engikutholile ukuthi bayakwazi ukuzilungiselela kanjalo nokunakekela imizimba yabo khona bezokwazi ukumelana nomsebenzi wabo.
Onogada bayachatha, bayazisebenzisa izinto zokuhlanza umzimba yingakho bekwazi ukuma usuku lonke besebenza, yize bekhathala nabo njengabo bonke abantu kodwa ucwaningo lwami luveze ukuthi bangojikelele ocansini kanti nomuntu wesifazane bamphathisa okweqanda ngoba bayazi ukuthi abaqonywaqonywa kalula.
Yize bebukeka njengabantu abanenkani uma besemsebenzini kodwa kuvele ukuthi emindenini yabo bayizingelosi futhi bangamanono.
Lokho-ke kufakazelwa ukuthi uma uzohlangana nonogada engekho emsebenzini ngeke usho ukuthi lo unogada ngoba bayazithanda futhi nabo bayangena ezitolo zezimpahla ezimba eqolo.
Ngisho ufika endlini kanogada ozithandayo ngeke usho ukuthi lo muntu ungunogada, kwesinye isikhathi kubalulekile ukungahluleli umuntu ngomsebenzi wakhe awenzayo kodwa uma nje uzomnikeza uthando lweqiniso uyabona ukuthi akusikhona njengoba kade umcabangela.
Njengawo wonke umuntu nabo bayakwazi ukukhokhela izindleko zabo balobole abafazi baphinde bondle nemindeni yabo, abanye babo bafundile ukuthi nje amathuba emsebenzi awekho futhi ke abanye babo basaqhubeka nokufunda yize besebenza njengonogada.
Osisi abaningi bathi kuyinkululeko ukuthandana nonogada ngoba uma bengekho emsebenzini bayakwazi ukuchitha isikhathi ndawonye nabathandiweyo babo futhi bayakwazi nokonga imali.
Ngifisa sengathi singayeka ukubabukela phansi nokubathatha kancane ngenxa yokwazi ukuthi umsebenzi wabo awuholeli, ukuthi usebenza msebenzi muni akubalulekile kangako othandweni kodwa okusemqoka ukuthi uyakwazi yini ukujabulisa nokunakekela othandiweyo wakho.
Onogada bayazivocavoca nokuyinto eyenza babe yizivuthevuthe ocansini, asibahlonipheni sibanikeze nabo uthando ngaphandle kokubajaja ngomsebenzi wabo ngoba nabo indabandaba bayayenza futhi cishe bayenza kangcono kunalaba enibathembile, ukuthi nje bona abachomi.