ISIHLOKO: Deep End
UMBHALI/UMQONDISI: Eubulus Timothy
UPHROJUSA: Jacintha de Nobrega
UHLOBO: IDrama ehlanganisa ezothando nezemidlalo
ABALINGISI: Carishma Basday, Greg Kriek, Suraya Rose Santos, Mahendra Raghunath, Priya Lutanman noRobin Singh
ISIKHATHI: Amaminithi angu 93
Le filimu ikhuluma ngowesifazane uSunitha Patel (Carishma Basday) ozalelwe emndenini wamaNdiya ophila ngosiko lwalesi sizwe. Umndeni wakhe uhlala eThekwini. USunitha uthandwa kakhulu nguyise ofuna ukuthi aphile impilo yakhe ngendlela amhlelele yona kodwa uSunitha unemfihlo njengoba ethanda umdlalo wokuntweza ngesikebhe esincane olwandle (surfing).
Lo mdlalo awamukelekile ukuthi udlalwe yintombazane yeNdiya esisesigabeni sokushada. USunetha uqala wenza lo mdlalo esithe, nokuyilapho ehlangana khona noCory Taylor (Greg Kriek) waseMelika ontweza ngesikebhe obalekele izinto zakhe kubo nokuba ongumlutha wezidakamizwa.
USunetha ungena kulobu budlelwane nje uyise usexoxisana nomunye umndeni okumele ashadele kubo, uyise umhlanganisa nensizwa okumele ashade nayo kodwa uSunetha akayingeni futhi uyabona ukuthi le nsizwa izithandela ezinye izinsizwa. USunetha ugcina esengenele umncintiswano wokuntweza ngezikebhe kanti uyise ugcina embonile kuthelevishini aze aye lapho kubanjelwe khona lo mncintiswano nokuyilapho ebona khona isidingo sokuseka indodakazi yakhe.
Kukho konke lokhu obekwenzeka umuntu obekhombisa ukweseka uSunetha unina naye osizakele ngokuqinisa ikhanda kwendodakazi yakhe njengoba ashada amncane wagcina engakwazanga ukufeza iphupho lakhe lokungena kwezobuciko. Yize le filimu ikhuluma ngomndeni wamaNdiya kodwa ingabukwa yinoma ngubani ngoba ikhuluma ngento ethinta wonke umuntu; ukufeza iphupho lakho noma ngabe abanye bayakuhlelela ukuthi uphile kanjani.
Wonke umuntu unamaphupho kanti le filimu iyafundisa ukuthi kubalulekile ukuthi uphilele ukufeza okufiswa nguwe kunokuthi uphile ngokwezifiso zabanye abantu ngoba ngokuhamba kwesikhathi uyakufisa ukuthi ngabe wakwenza owawufisa ukwenza usanesikhathi. Le filimu iqoshelwe eThekwini kanti ikhombisa ukuthi abohlanga lwamaNdiya baphila kanjani emindenini yabo ikakhulukazi uma kukhulunywa ngesiko lokukhethela izingane okumele bashade nazo. IDeep End izoqala ukukhonjiswa emacinema akuleli ngo-Mashi 15.