Ezokungcebeleka

Okufanele nikuqikelele ukuze uthando lube mnandi

Distance Gumede|Published

AYIKHO into emnandi njengenjabulo othandweni. Uyazi kunabantu abangayazi injabulo nobumnandi bokuthandwa kodwa namanje basahleli kulolo thando oluyincikinciki.

Uthi bewazi nje ukuthi wena nothandiweyo wakho ningakwazi ukuhlala nijabulile futhi nihlale ngokungaklwebhani noma ngabe kwenzekile nangabona ngaso linye?

Uyazi nje ukuthi akekho umuntu onganenzela injabulo othandweni lwenu kodwa uwena nesithandwa sakho ngokubambisana.

Ukuba sothandweni nomuntu kanye nokuqinisekisa ukuthi uthando lwenu luhamba kahle, akusiwo umsebenzi womuntu oyedwa kodwa kuwumsebenzi wenu nobabili njengokuthandana kwenu.

Nazi izinto ekumele niziqikelele okanye nizigweme ukuze nigweme ingxabano kanye nokuhlala niklwebhana.

* Uma kukhona okungahambi kahle, hlalani phansi nizame ukukuxoxa nikulungise.

* Asikho isidingo sokuphakamisa umoya kodwa ukubonisana kahle nizwane kungenza ukuthi nivumelane ngento eyodwa futhi eyakhayo.

* Asikho isidingo sokuthi kube khona ophakamisela omunye isandla okanye okhalisa omunye kodwa yonke into idinga ukuxoxwa kahle.

* Akungabi khona ogwevayo noma ogolozayo uma esolwa kodwa umuntu uma enephutha akazithobe axolise.

* Hambani niyodlala ndawonye njengezinye izingane ningazenzi isalukazi nekhehla lasendlini ekubeni nisebancane.

* Zazi izindlela ezihanjwa wumuntu wakho, lokho kuzogwema ingxabano nemibuzo eminingi uma esebuya.

* Ungabi nezimfihlo kumuntu wakho, kodwa mazise konke ocabanga ukuthi kumele akwazi.

* Nika umuntu wakho uthando lweqiniso kodwa zipheni nesikhathi sokuncokola.

Nikhumbule ukuthi uthando yinto yabantu ababili okumele babambisane ngayo,

ngakho owesithathu ningalinge nimvumele azonimoshela ubumnandi nenjabulo yenu.