USANDILE Msomi ongomunye wababhali bezincwadi abadlondlobalayo
Image: SITHUNYELWE
UKUGQUNYWA ejele iminyaka eminingi kugcine kuvumbulule ikhono lokubhala izincwadi kumlobi ohlonishwayo uSandile Msomi. Uthe ukuhamba ehlala kwamenza wagcina esengenwe wumoya wobugebengu okwamenza wagcina esebhadla ejele.
"Ejele ilapho engaqala khona ukuba nothando lokubhala njengoba kwafika uMnyango wezamaCiko namaSiko basenzisa izifundo zokubhala inkondlo. Okuthe ekugcineni kwaba nomncintiswano lapho engabhala khona inkondlo yami ethi Ngithule Ngabuka. Ngenhlanhla enkulu yadla umhlanganiso ngathola umklomelo wemali kanye nesitifiketi. Bangikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngibhale ngoba babebona ikhono kumina, ngempela ngaqhubeka ngabhala."
Uthe incwadi ethi Uhambo Losizi wayibhala ebhadla eC Max, neyalandelwa ethi Usinga Losiba,okuyizinkondlo.
"Kwase kuba umdlalo othi Masixhawulane ngaphambi kokuphuma ejele ngo-2022." Uthe kusukela akabange esabheka emuva ngoba ugcine esesungula inkampani yokushicilela ebizwa ngoSinga Losiba Publishers.
"Kwathi ngo-2022 ngashicilela ethi Uhambo Losizi, Masihawulane nethi Usinga Losiba. Kuthe ngo-2023 ngashicilela inovel ethi Uf'azi."
Uthe ngaphansi kwenkampani yakhe uselekelele abanye ababhali abasacathula bakwazi ukushicilela ezabo izincwadi, okubalwa kubona uThulane Biyela ongunogada waseNanda, uDumisani Dlamini waseMlazi noBonga Ngwane.
"EkaBiyela ngiyenze ngo-2023 nekaDumisani Dlamini, kanti ekaBaba uBonga Ngwane ngiyenza ngo-2022.
USandile uzalelwe esibhedlela saseMlazi, iMshiyeni Memorial kodwa wakhula ehlala ezindaweni ezihlukene ngenxa yesimo sempilo. Waqala ukufunda eMthini Higher Primary, eZingolweni, ePortshepstone, waqhubeka ngafunda eSicelulwazi Primary, eLindelani, wafunda naseLamontville, eMsizi Dube nase A, J Mwelase. Waphinda wafunda eBonella Secondary eThekwini ngaphambi kokuyofunda eWiggins Secondary. Umatikuletsheni uwenzele ejele laseWatervaal, kanti izifundo zeHR uzenze eC Max Maximum Prison.
"Okwamanje angishadile, nginengane eyodwa yentombazana ehlala eMlaza, igama layo uThandolwethu. Ngaphandle kokubhala izincwadi, ngiphinde ngilobe futhi ngihaye izinkondlo, ngibambe lawo matoho aqhamukayo. Ngifisa ukuthi uMnyango wezamaCiko namaSiko uxhase inkampani yami ukuze ikhule futhi iqashe intsha njengoba manje ngisasebenzela ekhaya." USandile uthe abafuna ukumsiza bengamlandela ku-Instagram unguSandilemsomi421, Facebook unguSandile Msomi kanti kuTiktok unguSandile Msomi.