BAHLAWULISWE uR1000 ngamunye uBabes Wodumo (Bongekile Simelane) nodadewabo uNondumiso Simelane ngecala lokungaveli enkantolo ngosuku ababebekelwe lona ukuthi bavele ngalo. Ngemuva kokuthi bengavelanga enkantolo kuphume incwadi egunyaza ukuthi baboshwe, amaphoyisa ababopha izolo ekuseni.
Imantshi uJackie Jonck izwakalise ukunengeka ngencazelo enikezwe uBabes nodadewabo eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesihlanu. Laba kwakumele bavele enkantolo ngoLwesihlanu noThobeka Ndaba (Tipcee) kodwa bangafika. Incazelo abayinikeze imantshi ukuthi bafelwa imoto bephuma emcimbini, uBabes ayenandisa kuwo.
“Ninabo ubufakazi balokhu? Inkantolo izokwamukela kanjani ukuthi wafelwa imoto uma kusho yena nje bungekho ubufakazi?” kubuza imantshi ngokunengeka.
UTipcee ngakolunye uhlangothi ufike nencwadi kadokotela enkantolo, wathi wayehlushwa isisu.
BUKA:
UJonck uyamukelile incazelo kaTipcee nobufakazi kodwa wamxwayisa ukuthi akugweme lokhu ngokuzayo. Uthe izintokazi zakwaSimelane zazingazama ukuza enkantolo ngezinye izindlela. Ubathole benecala, wabagweba ngokubakhethisa phakathi kokuhlawula ngoR1000 noma ukuya ejele izinyanga ezintathu.
“Ukusebenza kwezinkantolo kuphatha wonke umuntu ngendlela efanayo. Nizobhekana nomthetho njengawo wonke umuntu. Akusho lutho ukuthi ungumsebenzi wasezindlini noma ungumculi. Inkantolo ngeke ivune abantu ngokomsebenzi wabo,” kusho uJonck. Umshushisi woMbuso uveze ukuthi uphenyo sebeluphothulile ngecala lokushaya elavulwa owesifazane esola laba bobathathu ngokumshaya eMbilo, ngenyanga edlule. Kuthiwa owesifazane bamshaya emuva kokumsola ngokuputshuza ama-video abo bendawonye ngesikhathi udaba lokushaywa kukaBabes nguMampintsha lusematheni. Owesifazane kuthiwa walimala engalweni nasemlenzeni, kwadingeka ukuthi aye esibhedlela. Icala lihlehliselwe umhla ka-24 Ephreli.