UDJ Fresh uthe kufana nokuthi ukhishwe ejele emva kokuvela kwezindaba zokuthi uxoshiwe eSABC.
Izolo iSABC ikhiphe isitatimende imemezela izindaba zokuthi uphelile umshado obuphakathi kwayo noDJ Fresh.
Esitatimendeni sakhe uFresh uthe isinqumo esithathwe yiSABC asimenzanga ngcono kodwa simkhululile emthwalweni obumsinda.
“Ngisebenze kahle kulo msakazo, ngiyabonga kozakwethu ebengisebenza nabo nakubalaleli bohlelo ebengilwenza. Lolu hlelo olumnandi lushintshe kakhulu ngesikhathi kufakwa abantu abangadingeki kulona nokwathi kuchazwa sangasizwa isizathu abasishoyo. NgoMashi ngase ngizimisele ukushiya kulo msakazo ngenxa yazo zonke izinto eziwumbhedo ezazenzeka ngaphakathi. Kodwa ngakhetha ukuhlala ngenxa yokucabangela abalaleli bohlelo lwami,” kuchaza uDJ Fresh.
Uthe uthando analo ngabalandeli bakhe ngeke lufaniswe nolwamuntu futhi ngeke alukhohlwe.
“Angizisoli ngempela ngendlela izinto ezenzeke ngayo neziphele ngayo phakathi kwami neSABC neMetro FM. Noma yinini ngingaphinde ngishiye kunoma yimuphi umsebenzi ohlukumezana njengalona ebengikuwona. Kubona bonke engibahlukumezile ngokubiza kwami igama elithi msunery ngiyaxolisa kakhulu,” kuchaza uFresh.
Ngo-Agasti 1, uFresh uthe, uzomemezela ukuthi uyaphi futhi usekulinde ngabomvu ukutshela abalandeli bakhe ngekhaya lakhe elisha.
Kulo msakazo sekuxoshwe izinkakha zabasakazi okubalwa kubo uMasechaba, Tbo Touch, Robert Marawa nabanye.
Kwenzeka lokhu nje izolo ekuseni uDJ Fresh ubonakale ohlelweni lwasekuseni esiteshini sezindaba sethelevishini iNewzroom Afrika, ohlelweni lukaSizwe Dhlomo noGugu M, iBreaking the Dawn.
Ukubonakala kwakhe kulolu hlelo kwajabulisa abantu abaningi wanconywa noFresh ngekhono lakhe lokwethula uhlelo kwithelevishini.