UPHROJUSA womculo we-house obuye abe ngusomabhizinisi usegcine ebhobokile ngendlela ayezizwa ngayo ezinsukwini ezalandela ukuhlukana kwakhe nomrepha u-AKA. Ekhuluma ohlelweni lwantambama iReal Talk with Azania ngoLwesibili ntambama uDJ Zinhle uveze ukuthi wayekhihla isililo njalo uma ebuka ingane yabo eyayisanda kuzalwa.
“Ngangibuka ingane yami emehlweni ngicabange ukuthi ubaba wayo akasekho, zehle izinyembezi. Ukuxolela ikona okwangisiza. Empilweni uma ufuna ukuqhubekela phambili kumele uxole,” kusho uDJ Zinhle.
UZinhle wehlukana no-AKA sekubalwa izinyanga ngaphambi kokuthi kuzalwe ingane yabo uKairo Forbes. Ukhuluma kanjena nje ngeledlule u-AKA uphumele obala waveza ukuthi usazifela ngoDJ Zinhle. U-AKA uveze lokhu ngesikhathi esengxoxweni nomsakazi we-East Coast Radio, uBongani Mtolo. Ngesikhathi ekhuluma nalo msakazi u-AKA uphekwe ngebhodwe elincane ephekwa ngemibuzo ethinta ubudlelwano bakhe nowayeyisinqandamathe sakhe, igama lakhe elingadalulwanga kulolu hlelo.
U-AKA nendodakazi yakhe noDJ Zinhle, uKairo Forbes
Muva nje nje lo mculi ukhiphe ingoma, iBeyonce, aveza kuyo okuningi ngowesifazane ayethandana naye kodwa waveza ukuthi ngokomthetho akavumelekile ukusho ukuthi ubani. Kulolu hlelo uveze ukuthi akasakhulumisani no ‘Beyonce’ nokuthi akazisoli ngokuthandana naye. Ebuzwa ukuthi usamthanda yini uDJ Zinhle uveze ukuthi kunjalo.
“Kungabe usasemathandweni noDJ?” kubuza uBongani.
“Yebo, unina wengane yami lowo,” kuphendula u-AKA.
Ebuzwa ukuthi kungenzeka yini abuyelane noDJ Zinhle, u-AKA uthe akaboniswa ingomuso ngakho ngeke akwazi ukuphendula.
U-AKA ukhuluma kanjena kulolu hlelo nje ngesikhathi ethula i-albhamu yakhe kubangani nabantu abasondelene naye endimeni yomculo ngoLwesihlanu uZinhle wayekhona ehambisana nengane yabo uKairo Forbes.
Izinsolo zokuthi laba sebebuyelene ziqine kakhulu ngemuva kwalo mcimbi kanti ngesikhathi esanda kuhlukana nobeyisithandwa sakhe uBonang Matheba, wamcela ukuthi baxolise kunina wengane yakhe (uDJ Zinhle). Kuzokhumbuleka ukuthi kwahlukana inhloko nesixhanti phakathi kuka-AKA noDJ Zinhle kulandela ukuvela kokuthi ubemjolela noBonang.
Khonamanjalo noBonang ohlelweni iReal Talk ngoMsombuluko akafunanga ukwanda kakhulu ngesikhathi ebuzwa ngokuthi uke amcabange uDJ Zinhle.
Le ntokazi ivele yathi ziningi izinto ezicabangayo empilweni yayo.