UMREPHA waseThekwini, uRiky Rick, uthi ngenxa yokuthi ukujabulele ukusiza intsha efuna ukuba ngabaculi angalithatha ngazo zombili elinye ithuba lokuba wumqeqeshi ohlelweni iThe Voice South Africa.
Uthe kwiThe Voice South Africa akasizanga nje kuphela intsha kodwa naye uthole enye asebenzisane nayo emcimbini wakhe okade usePitoli emasontweni amabili
adlule.
“Ukubona oyedwa okade esizwa yimi ohlelweni efika esigabeni sokugcina kungijabulise kakhulu. Ngingalijabulela ithuba elifana naleli ngonyaka ozayo uma uhlelo lubuya. Ngingaphinde ngisize esinye isihlabani okungenzeka sidume ngelinye ilanga. Lolu kube wuhambo oluhle kakhulu kimina futhi engingeke ngilikhohlwe, ngiyabonga nakozakwethu emculweni akade sibambisene nabo,” kusho uRiky.
Uthe uyafisa ukubona izinhlelo ezifana nalolu zikhula njengoba zingakhiqiza abantu abanamakhono ahlukene uma nje besebenzisana nabantu abanolwazi.
Intokazi yase-Eastern Cape, uSiki Jo-Ann, iphume kuTop 3. Ishukumisa ababukeli ngengoma kaBrenda Fassie ethi Vulindlela.
USiki ubengumuntu wokuqala omnyama ukufinyelela esigabeni sokugcina selokhu iThe Voice South Africa yaqala.
Iningi ebeligcwele lapho bekukhonjiswa khona uhlelo belinethemba lokuthi uSiki Jo-Ann uzosithatha isicoco salo nyaka.
USiki uthe yize engawinanga kodwa ukuba khona kwakhe kumvulele ithuba lokuthi angene emculweni, asebenze nabaculi abahlukene.
Ingoma yokuqala ayicule kuvulwa uhlelo ekaChaka Khan ethi I’m Every Woman ayicule noJudith Sephuma.
Isicoco salo nyaka sihambe nentokazi esencane yaseKapa, uTasche Burger, ebilolongwa yinkanka emculweni wesiBhunu, uFrancois van Coke.