NOKUBONGWA PHENYANE
UMCULI wakuleli uBusiswa Gqulu useveze ukuthi ufunde lukhulu ngomculo, kumculi waphesheya uBeyonce ahlangane naye beqopha izingoma ezibonakale efilimini ethi Music Is King.
Ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile neSolezwe njengoba namhlanje le ntokazi izokhipha ingoma yayo entsha ethi SBWL, esebenze kuyo noDJ Clap noKamo Mphela.
UBusiswa uthe ngemuva kokubonakala engomeni kaBeyonce ekwifilimu ethi Black is King, ube esecela inkampani yase-USA, iThe Orchard, ukuthi imsabalalisele umsebenzi wakhe emazweni ahlukene.
“Ingoma ngiyisusele kwitemu lesiXhosa eligcwele ezinkundleni zokuxhumana, elichaza ukuthi ‘Ndiyabawela’. Ingoma engahlukile ezingomeni zami esengike ngazikhipha njengoba abantu izobadansisa kakhulu. Okungijabulise kakhulu ngukusebenza noKamo osedumile futhi ngibone kuye ukuthi uya kude nethalente njengoba ezimisela ngomsebenzi wakhe futhi uyazi ukuthi ufuna ukuya kuphi kule ndima yomculo esikuyona,” kusho uBusiswa.
Uthe ukusebenza noBeyonce kumvule amehlo okuthi asize abantu abamnyama bakhule ezintweni abazizamayo.
“Lowa muntu ngimbone ngenye indlela njengoba bengicabanga ukuthi uphakeme kodwa engikubonile wukuthi uyazi ukuthi ufunani empilweni. Ngesikhathi sifika eLA lapho sasiyoqopha khona, safica kugcwele abantu abamnyama kuphela. Ungezwa isihloko sefilimu sithi Black is King ngempela yonke leya nto elaphaya yahlanganiswa wumuntu omnyama. Sasingazi ukuthi uBeyonce uzobe ekhona kodwa wasiphatha kahle wakhuluma nomuntu ngayedwana esibuza ukuthi sifuna ukufikaphi nomculo. Ngafunda lukhulu kuyena njengoba wayephinde abe umqondisi kule filimu,” kuchaza uBusiswa.
Uthe naye njengoba esenesitebele sakhe iMajesty Records ufuna ukusiza intsha emnyama enamakhono.
Uthe ingoma yakhe izophuma ne-video ezoheha njengoba igcwele abesifazane.