KUNABANTU abakhula befuna ukuba yizinto ezithile uma sebebadala kodwa bajike endleleni.
Abanye nokho lokho abafisa ukukwenza kuyafezeka baphile impilo abakhula beyiphupha. Omunye walabo bantu nguSthembinkosi Junior Bikwa (30), abaningi abamazi ngoBujy.
Uthe kusukela ekhula wayefuna ukujabulisa abantu.
“Ngangidansa esikoleni ngaziwa ngoJunior isidudla esidansayo. Ngangikhuthele nje, ngisemculweni, izinkulumo mpikiswano futhi ngatshela abangani bami ukuthi bazongibona kuthelevishini,” kusho uBujy.
UBujy uzalwa eZimbabwe kodwa ukhule e-Orange Farm, eGoli.
“Umama wami ngowaseNewcastle kanti ubaba ngowaseZimbabwe. Ngenxa yobandlululo bahamba bayohlala eZimbabwe lapho bathola khona mina nomfowethu nodadewethu. Ngikhule kahle nabazali abanothando futhi ngiziphaphele.”
Uthe u-matric wawufeyila, okwaba yisikhathi esinzima empilweni yakhe kodwa wahamba waphinda wenza izifundo azifeyila.
UBujy uqhube wathi izinto zakhe ziqale ukukhanya ngesikhathi ejoyina iY-FM ngo-2009.
“Ngaleso sikhathi ngangizibiza ngoBig J noma uBig Show. Bathi indoda yesitabane ingazibiza kanjani ngala magama ngase ngithola elikaBujy. EY-FM yilapho engaqhamuka khona sengingumuntu ojabulisa abantu. Ngazizwa ngiwumuntu omusha futhi ngafunda ukuthi namuhla wumuntu omkhulu, kusasa awulutho ngoba izinkontileka zethu noDineo Ranaka azivuselelwanga ngo-2012.”
Ngesikhathi engasasebenzi wayozama inhlanhla ohlelweni lomculo kuMzansi Magic iCula Sibone lapho aqashwa khona waba ngumethuli walo.
“Ngangikade ngifuna ukuba wumethuli wezinhlelo zethelevishini. KwiCula Sibone ngaze ngaqokwa ngaba umethuli ovelele kumaSafta noBonang, Phat Joe noThembi Seete.”
Ngaphandle kweCula Sibone, uke wabonakala nakwiGenerations: The Legacy nasemafilimini amancane akuMzansi Magic.
“Ngiphinde ngibe wumbhali wamafilimu akuMzansi Magic, ngiwadidiyele futhi. Nginenkampani iBigway Productions. Ngo-2016 ngenza ifilimu iJelous Makhelwane. Kukhona engiqeda kuyibhala okusamele ngiyihambise kuMzansi Magic. Ngifuna ukwenza umdlalo owuchungechunge. Nginamathalente amaningi futhi ngibusisiwe ukuba nale ngqondo enginayo.”
Uthe ukubhala amafilimu, ukufunda nokulala ngezinye zezinto athanda ukuzenza.
Uma engematasa nethelevishini wethula uhlelo lomculo iMetro FM Top 40 ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-1.
“Umsakazo yiwona engiwuthanda kakhulu kanti kuthelevishini ngithanda ukwethula izinhlelo.
Ukulingisa kuwumsebenzi omningi.”
Ukungena kuMetro FM ukufanisa nokufezeka kwephupho ngoba uthe kade engqongqoza khona kungalungi.
“Ngathi ngizihlalele ngathola i-email, kwathiwa angize emhlanganweni abangicela kuwo ukuthi ngijoyine. Ngafike ngasayina ngaleso sikhathi kwehla izinyembezi ngoba yinto engangiyifuna.”
Kusasa uzobe engomunye wabazobe bephethe uhlelo kwiMetro FM Heatwave ezoba seYadini Lounge, eMlaza. Kuzobe kunandisa uD’banj, Kwesta, VJ Nutty, Pearl Modiadie, Sithelo The DJ nabanye abaningi.
UBujy, ongumlandeli weKaizer Chiefs, uthe isiteji uyasishaya futhi abantu bazobona into yamehlo.
Uphethe ngokudalula ukuthi uzimisele ngokuthi afike eminyakeni engu-40 esenomndeni othi yena.
“Uma ngithola umaqondana nje ngizobe sengizinza. Ngiyisitabane ngakho ngifuna umuntu ozimisele ngokuba nami ngoba angikholelwa ekuchitheni isikhathi ngedwa.”