UMBUZO : Sineminyaka eyisithupha sishadile. Ezinyangeni ezimbili ezedlule, ngithole ukuthi umyeni wami unengane enonyaka owodwa ngaphandle. Asixabananga kanje ngalolu daba. Angikwazi nhlobo ukumxolela ngalesi senzo. Ngiyasindelwa, ikakhulukazi uma engenza isilima esola mina ngombhedo anqume yena ukuwenza. Sengicabanga nokushiya phansi, ngibuyele ekhaya.
Neli, eManzimtoti
Impendulo: Ukungathembeki kuyinto eletha ubunzima emshadweni, ikakhulukazi uma wena uhlezi ngokwethembeka. Noma ingane yona kungelona ichilo kodwa indlela efike ngayo iyichilo. Thina kasikholelwa kwisahlukaniso somshado. Kodwa ngesenzo somyeni wakho, unalo lelo lungelo ikakhulukazi uma engazisoli ngesenzo sakhe. Isiqalo sokubuyisana emshadweni ngukuvuma iphutha nokwamukela umonakalo odalwe yisenzo sakhe. Ngaphambi kokucabanga isehlukaniso, kufanele nikhulume nabakini ukuthola izeluleko zabadala. Khulumani futhi nongoti ukuze nithole ezinye izeluleko.
Umbuzo : Sengicwilile ezikweletini, angisazi ngizokwenzenjani. Njengoba nezikole zivulile kuleli sonto, izingane ziye esikoleni zingenazincwadi. Umyeni wami namanje angazi imali yebhonasi nomholo kaDisemba ukuthi wayenzani. Umane alwe uma ngimbuza. Izinkinga zonke zalapha ekhaya zibheke mina, noma umyeni wami esebenza. Ngikhathele!
Igama Ligodliwe
Impendulo : Imali yebhonasi nomholo kaDisemba amanzi asechithekile. Kufanele nikhulumisane ningalwi, ukubonisana ukuthi indlela eya phambili iyiphi. Umyeni wakho uziphathisa okomfana omncane kodwa onentshebe nje. Asicabangi ukuthi indoda ekhulile ingakuyekela ukubhidlika komuzi wayo ngoba ingazithatheli umthwalo yona wokubhekana nezimo zomuzi wayo. Izikweletu zasekhaya kuzofanele kube yinto ephambili ukuzikhokha kinina nobabili. Kuzomele nihlukanise ukuthi ubani ozokhokhela bani, ngaphezu kwezindleko zasekhaya zenyanga. Uma kunzima kakhulu ningathinta abeluleki bezikweletu abawongoti ukuze banisize ukuhlola nokuhlaziya izikweletu zenu. Bazonikhombisa nokuthi yiziphi izindlela eningaphatha ngazo imali zenu.
Umbuzo : Okusixabanisayo nonkosikazi ngumfana wethu oqede u-matric. Safaka isicelo sokufunda e-UKZN, bamamukela. Noma ewuphase kahle u-matric, umfana manje usefuna unyaka wokuphumula, ukuze acabangisise kahle ukuthi ufuna ukwenza ini. Lokhu kuyinto engingayazi, nengiyibona njengechilo. Okubi kakhulu wukuthi unkosikazi uyavumelana naye. Ngibona ukuthi unyaka wokuphumula uzovilaphisa ingqondo yakhe, agcine esenza izinto ezingafenele ngoba akafundi.
Mandla, eDurban North
Impendulo : Alukho olubi uma umfana efuna ukuthatha isikhathi ukuze anqume kahle ngekusasa lakhe. Okufanele umkhuthaze ngakho wukuthi angahlali nje unyaka wonke engenzi lutho. Usengathola itoho lesikhashana, noma agxile emdlalweni noma ezobuciko okungakhuphukisa ithalente lakhe. Angakhuphula namazinga aphase ngawo ukuze kube lula nangaphezulu ukungena enyuvesi ngonyaka ozayo. Asikho isidingo sokuxabana ekhaya. Bambisanani nje, nibheke izinto ngasohlangothini lomunye komunye.
Umbuzo : Unkosikazi usenesonto lesibili ateta, nokuyingane yethu yokuqala. Udokotela wasitshela ukuthi ‘ngingamthinti’ kuze kudlule amasonto ayisithupha ukuze aphole ngokuphelele. Angilwi nalokho kodwa mina angiboni ukuthi ngizohlala kanjani isikhathi eside kangaka ngokwethembeka. Kuyisiko lethu ekhaya ukuthi senze inkonzo yekamelo kathathu ngesonto. Kanti besekudlule isonto elilodwa vele ngaphambi kokuthi aye esibhedlela sihlezi singayi enkonzweni. Ngiyalingeka kakhulu manje futhi ngiyesaba ukuthi ngizoze ngenze okungafanele ngaphandle.
Igama Ligodliwe
Impendulo : Uyatetema wena futhi ukhombisa ubungane. Akuqali ngawe ukuba khona kwezingane. Sonke njengabazali sidlula khona lapho kube kuhle nje. Ukube unkosikazi wakho ubengathola ukugula noma alimale angakwazi ukwenza inkozo yasekamelweni ubungenzenjani? Umkakho ubethwele ingane yakho futhi udinga ukukhuthazwa noxhaso lwakho njengomyeni wakhe. Akakudingi ukuhlala ekhathazekile ukuthi ungaphumela ngaphandle noma yinini. Ukuhlala enjalo kuzokwenza ukuphola kwakhe kuthathe isikhathi eside ngaphandleni kwesidingo. Wena kufanele uzithibe njengendoda eganiwe, ujabulele ingane yakho. Ungenzi izinto ozozisola ngazo impilo yakho yonke ngoba nakhu ushiselwa umzimba manje.
Facebook: Mo & Phindi
Instagram: Mo_Phindi
Email: [email protected]