Ngithe uma ngibheka igama elithi
Isizathu sokuthi ngibheke leli gama ukuthi kulezi zinsuku ngizama ukwehlisa amafutha ngakho kumele ngidle ukudla okunempilo, ngizivicavoce, ngiyeke utshwala. Ukuyeka utshwala ikhona ke okungihlulile, njengoba ngihambe ngayogijima kade ngibuhlehlisa usuku lonke. Ngithe uma ngibuya ngase ngicabangisisa ukuthi ngabe ngiyisidakwa yini?
Iningi lethu uma sicabanga umuntu oyisidakwa, sifikelwa isithombe somuntu obhuquzayo, ongasebenzi, noma olova njalo emsebenzini ngenxa yophuzo. Kodwa uma sibhekisisa baningi abantu abayilokhu okubizwa ngama- functional alcoholics okusho ukuthi baphila izimpilo ezijwayelekile, abenzi lutho olubi, kodwa abakwazi noma abasajwayele ukuphila ngaphandle kotshwala.
Ucwaningo lwe-World Health Organization luveza ukuthi iNingizimu Afrika ibalwa phambili ngokwezinga lokuphuza utshwala. Ngabe kwenziwa yini lokhu? Ezinye zezinto ezingabalwa ukuntuleka kwemisebenzi, ukhwantalala, kanye nokulahlekelwa ithemba ngempilo. Kodwa uyaye ucabange ukuthi uma impilo yakho ihamba kahle, yini le eyenza uphuze utshwala nsuku zonke? Anginazo izimpendulo zalokhu kodwa ngicabanga ukuthi into ekufanele siyibhekisise.
Kungani ethatheka kancane umuntu ongaphuzi noma kuthiwe uzenza ngcono? Yini eyenza agxekwe noma ahlekwe umuntu othi uyabuyeka utshwala, noma usamile? Njengoba singena onyakeni omusha siphuma esikhathini sobumnandi, uDisemba, umuntu ake azibheke yena, azibuze ukuthi ngabe usaphuziswa ukuthanda ukuphuza noma ingoba eyisidakwa engakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala.
Ziningi izingqinamba esibhekene nazo singabantu abasha, mhlawumbe ukunciphisa noma ukuyeka uphuzo kungasisiza ekuxazululeni ezinye zezinkinga zethu. Mina ngeke ngibuyeke utshwala kodwa ngizonciphisa, noma ngime kancane. Kwazisholo isidakwa.
[Umbhalo kaNwabisa Radebe oshicilelwe ungumbono wakhe ongamele iphephandaba Isolezwe]