UMCULI we-Afro Soul owazakhela udumo ngeculo elithi ‘Loliwe’, usephumele obala wagonyuluka ngenkinga yakhe nezinkambi zikaFaro.
UZahara uphefumule ngalolu daba engxoxweni ne-website yezokungcebeleka iTshisaLive lapho edalule khona ukuthi sekuphele izinyanga ezinhlanu engabulokothi utshwala.
Uthe uqale ukuphuza ngenxa yezinkinga abhekane nazo endimeni yomculo.
“Ngazizwa ngingaphansi kwengcindezi, ngaphuza kancane ukuze ngithole ukujabula. Akukona ukuthi ngangibudinga utshwala noma bese ngihluleka ukulawula uphuzo. Kodwa kukhona obunye ubusuku engaqeda ngabo ibhodlela lewayini ngingedwa. Ngabona lapho ukuthi ngidinga umuntu engizokhuluma naye ngilungise le nto” usho kanje.
Kuphuma lezi zindaba nje uZahara usanda kudalula engxoxweni neSolezwe ngeSonto ukuthi 'ubexhashazwa' yiTS Records kudliwa izimali zakhe. Uthe le nkampani imkweleta uR10 million.
Uthe abezindaba yibo abamenza abukeke engathi uyisidakwa, ngakho ufuna ukuyilungisa le nto.
“Ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi lezi zindaba zazingelona iqiniso. Angikaze ngibe nenkinga yotshwala. Angifuni kodwa ukuba yingxenye yesibalo sabantu abazibulalayo. Abantu badinga ukwazi ukuthi nathi sithwele kanzima. Kwezinye izikhathi kumele ucele usizo.” usho kanje.