UDIDI Olumashoba yiqembu elibe yimithente ehlabe isamila emculweni kamaskandi njengoba selibalwa nahamba phambili ngokulandelwa yizihlwele ngenxa yamagalelo kaSakhile ‘Fezela’ Ngema weSibusiso SamaNgema Music.
Leli qembu, elidume ngeleZintethe Ezibomvu futhi elashiya izithameli zisahalela impinda kwi-#Gcwalis’iMabhida, lishisa izikhotha emisakazweni ngenoni elithi Inteneshe. UCHARLES KHUZWAYO ukhiphele eshashalazini umholi wale ntandokazi yeqembu, uSILWAYIPHI KHATHI.
CHARLES (CK): Ngubani uSilwayiphi, awuzichaze.
SILWAYIPHI (SI): NginguSilwayiphi Bongani Khathi oyizibulo ezinganeni ezingu-12 zikaMnuz Mdumseleni Bhekuyise Khathi noNkk Thulisiwe Bongi Khathi (uMaDladla). Ngizalelwe KwaNgcolosi esigodini saseThondweni, eKranskop. Ngiqale imfundo esikoleni samabanga aphansi eNdandathweni Primary, ngadlulela eMehlomlungu Junior Secondary, ngaphothula * -matric eLethuxolo High. Ngisakhula ngangifuna ukuba ngummeli kodwa ngenxa yesimo sasekhaya, ngiphoqelekile ukuba ngifune umsebenzi ukuze ngondle abafowethu nodadewethu abangilamayo ngoba ubengekho osebenzayo ekhaya ngaleso sikhathi ngemuva kokuphothula ibanga leshumi. Angiganiwe kodwa nginabantwana ababili uBayanda noLwandle.
CK: Ungene kanjani emculweni?
SI: Umculo ngiwuqale ngineminyaka engu-13, sicula umculo wamanothi, sicijwa uqweqwe lukathisha uMnuz BMW Ndlela, owayengifundisa eNdandathweni Primary ngaleso sikhathi. Wayekugcizelela ukuthi umculo wamanothi uyisisekelo sanoma iluphi uhlobo lomculo okhona emhlabeni. Ngagcina sengicula phambili ekhwayeni yesikole eyayinqoba kwasani emincintiswaneni yezikole. Ngaphandle kokucula esikoleni, ngizalelwe vele emndenini wamagagu. Obaba bangabantu ababedume ngokugida ingoma, beneqembu lengoma kashameni elalinandisa ngoKhisimusi nangePhasika emakhaya uma bebuya eGoli. Ngokuthanda ingoma, saqala nathi iqembu likashameni elalaziwa ngeZikhuhlanyathi okwakukhona kulo uSiyabonga Xhakaza odume ngeNgonyama Yehlathi emculweni kamaskandi. Lwaqala lapho uthando lokucula nokugida ingoma. Ngiqede isikole ngakhuphukela eGoli ngiyozama amatoho, ngafika ngagidela iqembu lakithi elizinze eGoli. Langalimbe ngizihambela edolobheni, ngahlangana nomufi uMnikazi Majola waseMakhabeleni, owayecula umaskandi. Wayephromotha eDoorfontein emgwaqweni * -End Street. Ngamcela ukuba angifake eqenjini lakhe, ngigide. Wavuma ngazilolonga naye isikhashana. Kusenjalo, ngathola umsebenzi, sancipha isikhathi sokuzilolonga naye. Ngagcina ngiyeke kanjalo ukuziqeqesha naye. Kuhambe isikhathi, ngenxa yezimpi zombango ebezisemakhaya ezagcina sezikapakele eGoli, yilapho ngakhetha ukubuyela ekhaya. Ngafika ngasungula iqembu likamaskandi, sengiholwa yiphupho nothando lomculo. Singakakhiphi ne-albhamu, iqembu laphetha ngokuhlakazeka. Kubo bonke ubunzima engihlangabezane nabo, angikaze ngiyeke ukubhala izingoma, nokwenze ngagcina sengicula ngedwa. Ngo-2015 ngimenywe emcimbini ngakithi, ngahlangana noBhengu Wabantu okunguBambanani Bhengu noSkibha Khanyile, noma bebancane kunami, ngathatheka indlela ababedlala ngayo izigingci. Saxoxa sazwana, kwaba ukuzalwa kwalo uDidi Olumashoba.
USILWAYIPHI Khathi ugila izimanga esteji
CK: Ngesikhathi usakhula, yibaphi omaskanda owawubukela kubo?
SI: Ngikhule ngithanda kakhulu uMayogathi noBhekumuzi Luthuli.
CK: Yi-albhamu yesingaki lena yoDidi Olumashoba?
SI: Leli yicwecwe lethu lokuqala, siwuDidi Olumashoba, esilikhiphe ngaphansi kwenkampani iSibusiso samaNgema.
CK: Yibaphi abaculi abadumile esenike naqopha ngokuhlanganyela nabo?
SI: Abekho.
CK: Kubaculi abenza ezinye izinhlobo, yibaphi ofisa ukusebenza nabo?
SI: Emacikweni esifisa ukuhlanganyela nawo ngingabala uDJ Tira ngenxa yomlingo awufaka kunoma iyiphi ingoma apikwa kuyo, Mafikizolo, Afrotraction noTekno waseNigeria ngoba siyawuthanda futhi sinodlebe emculweni wase-Afrika.
CK: Yini ongathi senikuzuzile emculweni?
SI: Okwamanje akukho okubambekayo kodwa kubukeka iqembu likhula ngesivinini. Nasemisakazweni eminingi izingoma zethu zishisa izikhotha.
CK: Yiluphi uhlobo lomculo olukhonzile?
SI: Ngikhonze kakhulu owase-Afrika. Ngizinika isikhathi futhi nginodlebe lawo. Njengamanje ngilalela iNaija, okungumculo oculwa eNigeria.
CK: Yikuphi ukudla ozifela ngakho?
SI: Ngikhonze ujeqe nosu.
CK: KwiTV, ukhonze luphi uhlelo?
SI: Ngingumuntu ohlezi ematasa, kodwa Isibaya neGenerations, uma ngibuke kona kuphelele.
CK: Njengoba sekuphilwa ngokungcofana emculweni kamaskandi, wena ungcweka nobani?
SI: Okwamanje akekho umculi esiphambene naye noma esake saphambana naye.
CK: Ngaphandle kokucula, yini oyenzayo?
SI: Ngingumlingisi, ngiphinde ngibe umbhali wemidlalo yeshashalazi. Ngibuye ngibhale nezinkondlo nezindaba ezimfishane. Ngiphinde ngibe sebhizinisini lokwakha.
CK: Uma ungekho matasatasa nemisebenzi yakho, usichitha ngani isizungu?
SI: Ngikhonze ukuchitha isikhathi nomndeni wami.
CK: Kwezemidlalo ukhonze ziphi?
SI: Ngikhonze ibhola lezinyawo futhi namanje ngisalidlala. Ngingumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates.
CK: Ngabe uyakholwa?
SI: Ngingumuntu ohlukile uma kuziwa ngalapho. Ekhaya bangamaLuthela, komame bayiZayoni manje ngisonta noma yikuphi lapho ngizwa umoya ungiholela ngakhona.
CK: KuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, yimuphi okukhalisayo.
SI: Mihle imithetho yezwe lethu kodwa iqine kakhulu ngasemadodeni, nathi siyahlukumezeka ngezindlela ezihlukene kodwa kusabukeka njengechilo ukuphumela kwethu obala.
CK: Yiluphi uhlobo lwemoto olukhonzile?
SI: Noma ingaphelelwa isikhathi yona, kodwa iBMW X5 ngisayithanda.
CK: Yisiphi isilwane esifuywayo osikhonzile?
SI: Ikati lami uKitty odumalayo uma ngihamba.
CK: Sengiphetha, yisiphi isehlakalo esakuphatha kabi ongasoze wasikhohlwa?
SI: Nginenkinga mina yokufaniswa. Ngomunye unyaka ngizihambela edolobheni ngasukelwa umama thizeni, wakhwela wadilika kimi ngaphandle kuka ‘sawubona’, wathi “wawungazi ukuthi nakuwe ukuhlupheka kuyokufica.” Aqhubeke athi “Uyabona ukuthi uNkulunkulu uyakushaya ngokubhubhisa amatshitshi,” ethi ngaqeda ubuntombi ezinganeni zakhe zombili. Ngisamangele nginjalo, aqhubeke athi uzoyitshela yonke iNgudwini ukuthi mina sengaba uphuya, angisenamali. Ngake ngathula ngama, ngazama ukuchaza ukuthi angisiye umuntu akhuluma naye. Wayelokhu eqhubekile engisho ngezinhlamba, esho nokusho ukuthi nginguNjinga Khoza, engiqambela ilumbo ngoba ngingeyena lowo muntu. Ngaze ngalekelelwa ngosomatekisi.