UMMELI kaNgizwe Mchunu okhonjwe indlela kuKhozi FM ngeledlule uthi namuhla bafake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseThekwini okuphikisa isinqumo seSABC.
“Siyalusebenza udaba lukaNgizwe. Silungisa amaphepha asenkantolo, azolunga kusasa (namhlanje),” kusho ummeli uMnuz Vusi Tembe.
“Siphikisa indlela okwenzeke ngayo nezizathu abazibekile ngokumxosha. Inkantolo yiyo ezonquma,” kusho uTembe.
Uthe kuyabajabulisa ukubona indlela abantu abakhombisa ukweseka ngayo uNgizwe. Ezinkundleni zokuxhumana abanye bathi kumele umsakazo umbuyise.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, uthe bafuna ukwazi izizathu zokuxoshwa kukaNgizwe.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe ngeke bazidalule izindaba zabo emphakathini. Uthe bahlonipha izinkontileka eziyimfihlo abazisayina nabasebenzi babo nezinkampani abasebenzisana nazo.
“Angisho ukuthi angaxoshwa uma esephutheni. Ukhozi luyisiteshi somphakathi. Kuwumsangano ukuthi ngeke badalule ukuthi uxoshweleni. Umphakathi yiwo abanikazi besiteshi,” kusho
uMncwango.
Uthe angakuqonda uma kuthiwa iSABC inqaba ukuphawula ngoba usaphenywa, yesaba ukuthi kuzophazamiseka uphenyo.
“Ngikhuluma njengomlaleli lapha, ayihlangene neqembu. Kumele sazi singumphakathi ukuthi kwenzenjani bese siyahlulela thina. Kusishiya nemibuzo ukuthula kwabo. Isolezwe uma lingakuxosha aliphoqelekile ukuthi lisichazele ngoba yinkampani ezimele kodwa Ukhozi yisiteshi somphakathi. NoZuma (Jacob) ngesikhathi exosha ongqongqoshe safuna incazelo ngoba uhulumeni.”
Uthe usazoya kofuna incazelo kubaphathi bomsakazo uma esethola ithuba.
“Angivikeli uNgizwe lapha kodwa noma ngabe ubani izizathu besizozidinga. Abantu abalalela Ukhozi abafani futhi abacabangi ngendlela efanayo. Bangaze bamashe ngoba abanayo incazelo. Ukuchaza kweSABC kuyobe kungesikho ukumhlambalazayo. Yini efihlwayo?” kusho uZwakele.