ISIKHISHIWE ema-cinema ifilimu esuse okukhulu ukukhuluma kuleli, Inxeba.
Le filimu edidiyelwe nguJohn Trengove okulingisa kuyo uNakhane Toure izosuswa ema-cinema kuleli kulandela ukubekwa kwayo esigabeni samafilimu ocansi (18SLNV) yinhlangano eyengamela ukushicilelwa kwamafilimu kuleli, iFilm and Publication Board (FPB).
IFPB ithe izizathu zokususwa kwale filimu esigabeni salawo angabukwa abaneminyaka engu-16 kuya phezulu zizodalulwa uma sekuqedwe konke ngombiko othinta le filimu.
"Ukubekwa kwale filimu esigabeni se X18 kuchaza ukuthi izotholakala kuphela ezindaweni ezidayisa amafilimu abadala. Lokhu kuchaza ukuthi le filimu ngeke isakhonjiswa ema-cinema akuleli noma ezindaweni okungezona ezomkhiqizo wabantu asebekhulile njengokomthetho weFilm and Publication Act nombolo 96 wango-1996," kusho isitatimende.
URGENT ANNOUNCEMENT:
The Film and Publication Board (FPB) Appeal Tribunal has overturned the classification rating of 16 LS given to the film Inxeba – The Wound and gave it a rating of X18 with the classifiable elements of Sex, Language, Nudity, Violence and Prejudice.
— FPB (@FPB_ZA) February 14, 2018
I-FPB ithathe lesi sinqumo kulandela izikhalo ezifakwe yiCONTRALESA Gauteng neThe Man and Boy Fooundation ngokungabekwa ngendlela kwesiko lamaXhosa lokusoka entabeni ngokunjalo nokusetshenziswa kwamagama alumelayo.
Iqembu lezombusazwe iDA libe ngelokuqala ukugxeka isinqumo se-FPB.
"Sifisa ukugqugquzela ophrojusa befilimu Inxeba ukuthi balwe, balwe, balwe baze bafinyelele enkantolo enkulu kunazo zonke kuleli ukuze kubuyekezwe lesi sinqumo. Kuyihlazo ukuthi iFPB igobele ingcindezi ebivela kubantu abacwasa abantu abathandana nabobulili obubodwa kunokuthi ihambisane nomthethosisekelo. USection 16 womthethosisekelo kuleli ugcizelela ilungelo lenkululeko yokukhuluma nokuzwalakalisa imizwa yakho ngokuthize, nenkululeko yamaciko," kusho isitatimende esishicilelwe okhulumela iDA uPhumzile Van Damme.
We strongly condemn the Film & Publication Board Appeal Tribunal’s decision re-classify the film #Inxeba to a rating of X18.
"X18 is one of the most severe ratings a film or publication can receive, one step away from an outright ban." - @zilevandamme https://t.co/k7l6NV2lLD
— Democratic Alliance (@Our_DA) February 14, 2018
Noma bekunezikhalo ngale filimu esiqoqe izindondo ezingaphezulu kuka-30 emhlabeni, nemali elinganiselwa kuR1.3 million ema-cinema kuleli, ezinkundleni zokuxhumana abantu basigxekile isinqumo seFPB abanye bebuza ukuthi amafilimu e50 Shades wona adlalwa kanjani ekubeni eveza ucansi nawo.
The 50 shades franchise has over 20 times the number of sex scenes than #Inxeba, and shows a whole lot more nudity, but it doesn't get a X18 rating, no. It has to play in all the cinemas in SA. Meanwhile a SAn movie...ARG 😭😷 https://t.co/oOK5gWXlnP
— Sivuyile Mtshemla (@Slayvuyile) February 14, 2018