UTUSA ukuphuma kwabo baye ebantwini ngokuthi yikho okuholele ekutheni zinyuke izibalo zokulalelwa koKhozi umphathi-siteshi obambile, uSbongi Ngcobo.
USbongi uphawule kanje ngemuva kokuvela kwezibalo zakamuva zokulalelwa kwemisakazo ezikhomba ukuthi Ukhozi lunyukelwe ngabalaleli besuka ku-7 274 000 bafika ku-7 304 000.
Izibalo ezishicilelwe yiBroadcast Research Council of South Africa ngezaphakathi kuka-Okthoba kuya kuMashi nonyaka.
Uthe bajabule kakhulu ngalokhu wathi okwenze banyuka yingoba ngoDisemba kuya kuFebhuwari bebesebantwini.
“Izinhlelo zethu bezihlanganisa iNyus’iVolume, Back to school nokusabalaliswa kwekhalenda lesiteshi.”
Uthe balindele ukuthi baqhubeke nokunyuka ngenxa yomkhankaso wezipho abazozinika abalalaleli babo njengoba umsakazo ugubha iminyaka engu-58 wasungulwa kule nyanga.
“Isiteshi besihlanganisa iminyaka engu-58 ngoJuni 1 futhi ukugubha lokhu, sizophisana ngezipho ezimangalisayo izinsuku ezingu-58 kusuka kuJuni 1 kuya kuJulayi 28.”
Uthe baqale ngokunikeza ukheshi onguR10 000 abalaleli abashaye ucingo kuqala ezinhlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show, Jabul’ujule, Ndiza Nathi neWoza Nabangani Bakho ngoLwesihlanu.
“Abalaleli siyabagqugquzela ukuthi babeke indlebe esiteshini ngoba ezinye izipho singazikhipha noma yinini futhi kunoma yiluphi uhlelo.”
Ezinye iziteshi ezinyukelwe ngabalaleli nguMhlobo Wenene osuke ku-5 506 000 waya ku-5 571, Metro FM esino-4 189 000, Gagasi FM eno-1 758 000 neVuma FM esuke ku-173 000 yafinyelela ku-188 000.
Eziteshini zomphakathi zaseKZN kuvele ezimbalwa okuyiZwi Lomzansi elehlele ku-109 000 lisuka ku-136 000, Nongoma elalelwa ngabangu-90 000 isuka ku-121 000, neNewcastle ephethe abalaleli abangu-100 000.