IZIBOSHWA zakuleli zizophinde zithole ithuba lokuxolisa emindenini yabagilwa abahlukene abahlukumezeka ngenxa yezenzo zazo njengoba likhuza ibuya uhlelo oluthi Yobe, isizini yesibili ezoqala kuMzansi Magic, ngoJanuwari 2, ngo-8 ebusuku.
Lolu hlelo lusungulwe umlingisi weSibaya, uSiyabonga Thwala.
Isizini yokuqala yalo iqale kulo nyaka kanti ibithinta impilo yabaningi njengoba bekuhlale kukhulunywa ngalo ezinkundleni zokuxhumana.
Ngesikhathi lesi siteshi sethula izinhlelo ezintsha ezizobonakala ekuqaleni konyaka ozayo, umqondisi wezinhlelo zakuleli kwaM-Net, uReneilwe Sema wakubeka kwacaca ukuthi izinhlelo ezifana neYobe zenza kahle kuMzansi Magic ngesikhathi bezethula okokuqala kubantu.
Kwezake zabonakala ezikhuza ibuya kukhona uhlelo lomndeni wakaMseleku, Uthando Nesithembu, umdlalo iLockdown, The Herd nolukaSomizi iLiving the Dream with Somizi.
“Lezi zinhlelo zizobonakala namasizini amasha aqukethe ubumnandi bodwa nethemba ukuthi abantu bazozithakasela,” kusho uReneilwe ngamafuphi.
KwiYobe kubonakala iziboshwa zicela uxolo emindenini ehlukene ezayiphatha kabi ngezenzo zazo zobugebengu.
Ngesizini edlule kwabonakala abesilisa nabesifazane abadonsa iminyaka ehlukene ejele, becela ukuphelezelwa baye kule mindeni eyahlukumezeka ngesikhathi benza amacala okubalwa kuwo awokubulala, ukubamba inkunzi, ukudlwengula namanye.
Eziqeshini eziningi abanye baxolelwa kodwa abanye, imindeni ethintekayo, yehluleka ukubanika uxolo abalufunayo.
Nakulo nyaka esizowuqala kulo akukho okushintshile njengoba isazoqhubeka yethulwe uSiyabonga.