AHOXISIWE amacala abebekwe uMampintsha okushaya isinqandamathe sakhe acula naso uBabes Wodumo.
UMampintsha, ogama lakhe lokuzalwa nguMandla Maphumulo, ubekwe icala lokushaya ngemuva kwevideo eyaqoshwa bukhoma ku-Instagram eshaya lo mculi weGqom’ ngoMashi nonyaka.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushiswa KwaZulu-Natal, uNatasha Kara, uthi amacala abebekwe uMampintsha ahoxiswe ngoLwesine ngemuva kokuvela kobufakazi bokuthi kube yimpumelelo ukwelulekwa kwabo abenhlangano iFamily and Marriage Society of South Africa (FAMSA).
“Umsolwa nommangali bavele enkantolo yeMantshi ePinetown. Udaba luphothuliwe, lahoxiswa icala ebelibekwe uMaphumulo. Bayilandelile imiyalelo yenhlangano ibaluleka nokwenze lahoxiswa icala,” kusho uKara.
NgoLwesibili le nkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaBabes noMampintsha kulandela ukungaveli kwabo enkantolo.
View this post on Instagram
A post shared by Mandla Maphumulo(@mampintsha_shimora) on Jul 4, 2019 at 5:16am PDT
Abaphethe izinhlelo zalaba baculi baveza ukuthi bahluleka ukuvela enkantolo ngoba babechithe ubusuko bonke beqopha umculo.
UKara uthe babuye bazizela enkantolo, zahoxiswa izincwadi zokuboshwa. UMampintshwa wahlawiliswa uR2000 ngokungaveli enkantolo, uBabes akahlawuliswanga ngemuva kokubeka isizathu esanele ngokungafiki kwakhe ngesikhathi enkantolo.