sbahle mpisane

LIHOXISIWE icala lokushayela budedengu ebelibekwe indodakazi yezimpunyela zaseThekwini uSbahle Mpisane, owaba sengozini yemoto enyantisayo ngo-Agasti 9 ngonyaka odlule.

Lokhu kuqinisekiswe uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, u-Advocate Moipone Noko.

Uveze ukuthi idokodo lecala likaSbahle lalethwa kubo ukuze bathathe isinqumo ngokuthi kumele ashushiswe noma cha.

“Ngokophenyo lwethu sithathe isinqumo sokuthi angashushiswa ngenxa yobufakazi obungenele,” kusho u-Advocate Noko.

Ethintwa uSbahle, uthe akanalo ulwazi lokuhoxiswa kwecala lakhe.

“Sekunesikhathi ngigcinile ukukhuluma namaphoyisa. Akekho ongazisile ngokuhoxiswa kwecala. Angikwazi ukuphawula ngento engingayazi,” kusho uSbahle.

USbahle wayeshayela imoto yakhe iBMW M4 ngesikhathi iphaphalaza ishayisa isihlahla kuMargaret Mncadi Avenue, eThekwini.

Walimala kanzima okwaholela ekutheni ahlale izinyanga ezimbalwa esesibhedlela ngaphambi kokukhishwa ukuthi ayolulamela ekhaya.

Imizamo yokuthola uyise uMnuz Sbu Mpisane ayizange iphumelele.