INKAMPANI eqopha umdlalo iThe Wife okhonjiswa kwiShowmax, iStained Glass, isikuqinisekisile ukuthi iyinqamule ngokushesha inkontileka ebiyihlanganisa nomlingisi uThuli Phongolo.
Esitatimendeni abasikhiphile baveze ukuthi uThuli, obezolingisa indawo kaLerato kulo mdlalo bakhethe ukuthi bamdedele, balaxaze lo mlingisi omusha ngokushesha.
UNomfundo Zondi okhulumela le nkampani uthe bayakuqinisekisa ukushiya kwalo mlingisi kulo mdlalo, nabakwenze ngesivumelwano esithinta izinhlangothi zombili.
“Siyakuqinisekisa ukuthi indawo ebilingiswa uThuli Phongolo, izophela eziqeshini ezizokhonjiswa ngoLwesine lwangoJanuwari 13. Lokhu kube isinqumo esithathwe izinhlangothi zombili, njengoba bekuba khona ukushayisana kwemisebenzi,” kusho uNomfundo.
Izindaba zokuxoshwa kwalo mlingisi zivezwe intatheli ezimele uPhil Mphela, ngesonto elidlule.
UPhili waveza ukuthi uThuli uxoshiwe kulo mdlalo.
Wabhala wathi ezinkundleni zokuxhumana: “UThuli Phongolo ushiyile emdlalweni iThe Wife. Indawo kaLerato kulo mdlalo isivele yaqedwa ngokushesha. Imithombo iveze ukuthi isinqumo sokuthi kuqedwe ngale ndawo sithathwe ngemuva kokuthi uThuli enyamalale wangaziwa ukuthi uyephi,” kubhala uPhill.
Kushiya uThuli nje kulo mdlalo usanda kujoyinwa umlingisi uKhanyi Mbau.