BAYACHICHIMA yinjabulo abadidiyeli bomdlalo omusha wakuMzansi Magic , i-eHostela, ngesasasa elikhonjiswe ngabantu ngemuva kwesiqephu sokuqala ngeSonto.
Lo mdlalo owenziwa yiStained Glass TV ekhiqiza Uzalo kuSABC1, oqoshelwa KwaMashu, ulandela inkabi uMndeni osefuna ukufeza iphupho lakhe lokuba wumculi.
Omunye wabalingisi okhulume naleli phephandaba uthe ibethusile indlela abantu abawamukele ngayo umdlalo wabo.
“Bonke abaphathi bajabule kakhulu ngoba bebengayilindele indlela umphakathi owujabulele ngayo umdlalo. Okujabulisa kakhulu ukuthi kuvezwa into engakaze ibonakale kuthelevishini futhi ufolose ngobuso obusha,” kusho lo mlingisi.
Uthe ubasebenzisile ngoba bekumele benze isiqiniseko sokuthi yonke into ishaya emhloleni.
“Ehostela kugcwele kakhulu abantu abasuka emakhaya ngakho nathi bekumele senze isiqiniseko sokuthi isiZulu sethu siqondile. Kodwa lokhu abantu abakubonile kusekuncane kakhulu. Isiqephu sokuqala besisandlalela nje ukuthi yini ezayo. Yima kusazoshuba manje, abantu bebengakaboni lutho. Kusazovela nabalingisi abebengakababoni,” kusho lo mlingisi.
Umdidiyeli womdlalo uMmamitse Thibedi uthe: “Uma umatasa uhlanganisa futhi uqopha umdlalo, futhi ubona ukusebenza ngokuzikhandla kwababhali, abasebenzi nabalingisi, uba nethemba lokuthi ababukeli bazobona futhi bawamukele kahle kodwa ngeke ubathathe kancane ababukeli.”
Uthe lukhulu abantu abasazolubona futhi bazobona nethalente eliyisimanga lokulingisa.
“Umgomo weStained Glass TV ukuthi sibheke ithalente elisha futhi silinikeze ithuba. INingizimu Afrika inenqwaba yethalente elingakavezwa futhi sinenhlanhla yokukwazi ukulithola futhi siliveze ligqame,” kusho yena.
Uthe bakholwa wukuthi umdlalo onabalingisi abadala nabasha uhlale ushaya emhloleni.
Ngaphandle kwabalingisi abasha, kukhona nabaziwayo okubalwa kubo abasakazi boKhozi FM abake balingisa kuZalo kuSABC 1 uZimdollar Biyela noSthandwa Gama, uPastor Mjosty, umculi wekwaito uL’vovo, okuthiwa uzoqala ukubonakala ngeSonto, Zola Nombona
nabanye.
KuTwitter lo mdlalo ube yindaba egudwini.
U-@PalesaS_ ubhale ukuthi akuthanda ngalo mdlalo ukubona abalingisi abasha.
U-@JabulileKubhek6 uthe: “Yazi bengicabanga ukuthi isiZulu sami sishaya emhloleni kodwa la #eHostela isiZulu sabo madoda.”
U-@Mtamerri uthe: “Enye into engiyithandayo nge #eHostela ukuthi abalingisi abaningi basha asikaze sibabone phambilini.”