INHLOKO ebambile eSABC 1, uThulisile Nhlapo, ithi bayaziqhenya ngokuvundulula ithalente elisha esiteshini sabo.
Ukusho lokhu ngesikhathi kumenyezelwa ukuqala komdlalo omusha, i-African Dreams, ozokhonjiswa kusuka ngo-Okthoba 31.
“Lo mdlalo omusha udidiyelwe ngumdidiyeli omusha, uNobuntu “BusaBuntu” Dubazane, ngaphansi kwenkampani, iBusaBantu Pictures, elulekwa yiQuizzical Pictures,” kusho uThulisile.
“UNobuntu unamandla njengoba edlala nendawo ephambili kaThandeka. I-SABC 1 iyaziqhenya ngokuvundulula ithalente nemidlalo emisha.”
Uthe abantu bazokuthola konke kulolu hlelo.
Ekhasini lakhe le-Instagram, uNobuntu uhlale efaka ukuthi lo mdlalo usendleleni futhi ubukhona bawo kuwukufezeka kwephupho leminyaka. Lo mdlalo, ozishaya saqophamlando, ukhombisa ngezinkampani ezimbili ezihlela umshado, i-African Dreams, okuyinkampani encane yabantu abamnyama, nenkulu, i-Eleganté Wedding Emporium, ezisemncintiswaneni.
UThandeka Dlamini nethimba lakhe bafuna ukuba yinkampani ehamba phambili ekuhleleni imishado eNingizimu Afrika kodwa bavivinywa wusaziwayo osebadlulisele ngasemizuliswaneni yokugcina yomncintiswano wokuhlela imishado futhi ukuhluka kwempilo yabo kungase kwenze balahlekelwe yikho konke.
Ubuso obuzobonakala ngobakhe uNobuntu, Tiisetso Sefatsa, umethuli wezinhlelo zethelevishini uLalla Hirayama, Thabo Malema, Ilse Klink, Craig Jackson, Tarina Patel, Tshiamo Modisane, Thobile Kubheka, Ashleigh van der Hoven noZolani Hashange.
* I-African Dreams izoqala ngo-Okthoba 31 ngo-7.30 ebusuku.