KWETHULWE ngokusemthethweni izintokazi ezizodlana imilala zibanga isicoco sika-Indoni Miss Cultural SA, ngoDisemba.
Umcimbi wokwethulwa kwalezi zintokazi ubuseHilton Hotel, ngeSonto.
Lezi zintokazi ezimele izizwe ezehlukene ezingu-12 ebezihambisana namabhungu zithole ithuba lokuzethula phambi kwabebehambele umcimbi.
Ethula inkulumo umsunguli weNdoni, uDkt Nomcebo Mthembu uthe kuyabajabulisa ukuthi sekufike lesi sikhathi sokuthi bethule abazomela izizwe ezehlukene abazobe bedlana imilala emcimbini ozoba ngoDisemba 15, e-Inkosi Albert Luthuli ICC.
“Sibonga amakhosi ngokuseseka ngoba lapha sibuyisa isithunzi samasiko ethu. Akumele uma sidlula emhlabeni bese namasiko ethu eshabalala kanye nathi. Kumele sizifundise zisancane izingane ukuthi singobani nokuthi siphuma kuphi ukuze ulwazi luhlale ludlulela ezizukulwaneni ezizayo.”
UDkt Mthembu ubonge amakhosi ngokuthi asukume kube yiwo ayongqongqoza kuMnyango wezamaSiko nobuCiko kuleli ukuze bathole uxhaso.
“Sinesivumelwano sonyaka owodwa sokuxhaswa ngenxa yokusukuma kwamakhosi ngoba ebona umsebenzi owenziwa yiNdoni. Siyethemba ukuthi azophinde asilekelele siyongqongqoza futhi ukuze uxhaso luqhubeke,” kusho uDkt Mthembu.
Uncome kakhulu abafana abahamba isikole sakhe ngokuthi baphuma ekuqeqeshweni sebekhombisa umehluko omkhulu kunalokhu abasuke befike beyikho.
UNksz Thabsile Mthethwa omele iKwaZulu Natal ku-Indoni Miss Cultural SA ehambisana noLwazi Zondi
Ngenxa yesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane namantombazane, abafana bethu banezifungo abazenzayo zokuziqhelelanisa nalezi zenzo kanti sifisa ukuthi lesi sifungo sisabalale nakwabanye abafana kuzo zonke izindawo okusuke kuhlangenwe kuzo.”
Kulo nyaka lo mcimbi uxhaswe nayiNational Lottery Foundation.
UDkt Mthembu uphinde waveza ukuthi umcimbi wakulo nyaka uzobe udidiyelwe ngumakadebona womlingisi wemidlalo yeshashalazi nethelevishini uBheki Mkhwane, obekhona kwethulwa iziNdoni.
Umcimbi weNdoni uzokwandulelwa umviliyelo ozobe usemigwaqweni yeTheku.