UMREPHA waKwaMashu, uDuncan, uthi ukudlula emhlabeni komfowabo kumlimaze kakhulu emoyeni kangangokuba waze wacwila otshwaleni.
UDuncan (28) uthe umfowabo uThabani washonela ezandleni zakhe ngemuva kokuxinwa wukugula ngo-2017.
Uthe yingakho ebengasawukhiphi umculo omusha njengoba agcina ngo-2016 nge-albhamu ethi Street Government.
“Bengibhekene nezinto eziningi. Ukushona komfowethu kwaholela ekutheni ngiphazamiseke kakhulu emoyeni. Ngangingakwazi ukugxila emsebenzini. Bengicula nje kodwa kungasebenzeki. Ubewumuntu ebesisondelene kakhulu naye futhi umphefumulo wakhe waphumela ezandleni zami. Bekungalaleki ngiphupha ngathi ukhona. Ngize ngaphuza kakhulu ngisho ngibhala ngibone ukuthi akusimina lona,” kusho uDuncan.
Uthe uphuzile ukwamukela ukuthi umfowabo akasekho. “NgoDisemba 27 nyakenye ngishonelwe wudadewethu. Bese ngikwazi ukumelana nakho. Kumanje ngisele ngedwa, abazali bami abafuni lutho ngami,” kuchaza uDuncan.
Uthe usevuke wazithatha njengoba ekhiphe umucu omusha othi Sikelela apike kuwo iThee Legacy.
“Ngihlale ngibheka izinto ezenzekayo ezweni. Kunabantu abanezinto ezinhle esize sizihalele kodwa uma ulandela ukuthi zitholakale kanjani bese ungazifuni. Kunabantu abanemali kodwa okuchitheke igazi ukuze babe nayo. Kunabafundisi bamanga abafuna amandla. Bheka nje lo owavusa umuntu. Kunababhecwe ngobende inyama bengayidlanga baboshwa. Kukhona ababulala amaphila nebala elimhlophe ngoba bethi bafuna imithi ngabo. Ngibheka izinto ezehlukene,” kusho uDuncan.
Uthe kusuka kudala umculo wakhe uxoxa indaba njengezingoma ezithi, Baby Enzo nale ethi, Dlala Mrepha.
Uthe unazo ezinye izingoma eziningi asezibhalile nazokhetha kuzo uma esekhipha i-albhamu.
“Ngiwumuntu ohlale ebhala abeke. Ngizothi uma sengiqedile bese ngikhetha eziphambili ngizifake kwi-albhamu ezophuma ngasekupheleni konyaka. Okwamanje ngizokhipha enye ingoma bese ngilinda kukhiphe esinabo enkampanini oTipcee noBeast,” kusho uDuncan.