UMNGANI womculi weHip Hop uPitch Black Afro, uMnuz Khanyisani Vilakazi, uthi lo mrepha kwakumele aziphathe kangcono ngemizuzu yakhe yokugcina nonkosikazi wakhe asolwa ngokumbulala.
UMnuz Vilakazi uveze lokhu ngoLwesibili ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkatolo yemantshi eGoli ngesikhathi uPitch Black (Thulani Ngcobo) evela ngezinsolo zokubulala unkosikazi wakhe, uNkk Cathrine Modisane.
UCathrine kubikwa ukuthi wabulawa kwiBed and Breakfast eseYeoville ngoDisemba 31.
The case against #PitchBlackAfro has been postponed to January 18 pending address verification intrrviews. Today he was looking more relaxed, asked his mom for a kiss after telling her how beautiful she looked. @TheStar_news @ReporterStar pic.twitter.com/EvA4SASY4d
— Mpiletso Motumi (@mane_mpi) January 15, 2019
“Ngiyamgxeka ngokuhluleka ukulawula imizwa yakhe. Ngicabanga ukuthi ubengaziphatha kangcono abe yisibonelo emphakathini ngoba ungusaziwayo. Njengosaziwayo baningi abantu ababukela kuye,” kusho uVilakazi.
Uthe ngokuthola kwakhe uPitch Black waxabana nonkosikazi wakhe kule ndawo waphuma wayocela usizo kodwa wabuye wabuyela wayolala endaweni abebekuyo ngobusuku ashona ngabo.
Icala likaPitch Black lihlehliselwe uJanuwari 18 njengoba kusaphenywa ngamakheli okuhlala athulwe ilo mrepha kwisicelo sakhe sebheyili.
Ngesikhathi evela enkantolo ubebukeka ekhululekile, ebingelela abezindaba, waqabula unina obezomeseka enkantolo ngemuva kokumtshela ukuthi muhle.