KUZOSHINTSHA izinto emsakazweni iGagasi FM namhlanje njengoba lesi siteshi sigubha iminyaka engu-13 saba khona.
Namhlanje kuzoba nezinguquko ezinhlelweni ezihlukene kulo msakazo ukugubha le minyaka saqala ukuzwakala emoyeni.
UKhulekani Shandu okhulumela lo msakazo uthe, usuku lwanamhlanje luzobe luqukethe okuhle kodwa okuzojatshulelwa iwona wonke umuntu.
Uthe ekuseni abalaleli balesi siteshi bazovuswa ngu-Alex Mthiyane ozobamba uhlelo i-I Love Mornings noNjabs Zwane noHeazy.
“Lolu hlelo luzosakazela bukhoma esitolo esidayisa izimoto eBarons Edwin Swales. Ohlelelweni iGolden Circle engena ngo 9-12 kuzongena uNomfundo Mzolo noPhindi Gule. Luzosakazelwa endaweni yobumnandi iViews @25 eMorningside khona eThekwini,” kusho uKhulekani.
Uhlelo iMidday Shandis olungena ngo 12-3 luzokwenziwa uMzokoloko, LeSoul noFlymotion, luzosakazelwa erenki yamatekisi aseChesterville, eThekwini.
“Uhlelo iThe Kings Drive olungena ngo-3-6 luzoshayelwa nguSphectacula noNaves ezindlini zomsakazo eCornubia Mall. Maphakathi nalolu hlelo kuzophinde kuwinwe iCity Golf,” kuchaza yena.
Uthe kunabalaleli abahlanu abatonyuliwe emkhankasweni wokugubha iminyaka ewu-13 obusezinkundleni zokuxhumana zalo msakazo nokuzothi oyedwa kubo aziwinele le moto.