KUZOQHILIKA izihlathi emacikweni aKwaZulu-Natal njengoba kuvele ukuthi sekuseduze siphinde siqale ukusebenza isikhungo sokuqopha, iMusic House KZN.
Abasebenzi beMusic House KZN bagcina emsebenzini ngoFebhuwari ka-2017. Abanye abakhuluma naleli phephandaba babekhala ngokungaholi.
Ngonyaka odlule kwavulwa icala lokukhwabanisa nenkohlakalo mayelana nokuphathwa kwayo.
Okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko eKZN, uMack Makhathini, uthe akusekude ukuthi isikhungo siphinde sivulwe.
“Yonke into ngaphakathi iyalungiswa, manje sekufuneka umuntu ozophatha indawo. Izikhangiso zonjiniyela nezikhulu eziphezulu zizophuma, uma vele zingakaphumi. Ngeke kusathatha isikhathi eside,” kusho uMakhathini.
Uthe bafuna umuntu onamava ngezobuciko njengoMbongeni Ngema owaba ngumphathi ngesikhathi isikhungo sisaqala.
“Sesiyilungisile imishini ngoba ibisihleli isikhathi. Kunezitudiyo cishe ezintathu noma ezine. Bakhona futhi nabantu abanentshisekelo yokuphatha kodwa kumele kube wumuntu ozobasiza bonke abaculi basesifundazweni,” kusho uMakhathini.
Uthe zikhona nezinkampani ezizimele ezifuna ukusebenzisana nesikhungo. Estudiyo saseMusic House kuqophe abaculi abaningi okubalwa iLadysmith Black Mambazo, Mbuso Khoza, Naima Kay, Robbie Malinga nabanye abaningi.
Izinyunyana zamaciko zinxuse ungqongqoshe omusha womnyango eKZN, uHlengiwe Mavimbela ukuba enze isiqiniseko sokuthi isikhungo siyabuya.
USihlalo weKwaZulu-Natal Creative Industry Forum ongumkhulumeli weCreative Workers Union of South Africa, uT’zozo Zulu uthe ungqongqoshe kumele akhulume nabo ngokuthi iMusic House kumele iphathwe kanjani ngoba eyabo bengamaciko.
“Ungqongqoshe kumele angathathi izinqumo engathintananga nathi njengabaholi bamaciko. Akabe umngani wethu njengongqongqoshe odlule obengaqhelelene nathi.”
Isikhulu seKwaZulu-Natal United Music Industry Association (Kumisa), uThando Nyameni, sithe umsebenzi kangqongqoshe uzoba lula uma esebenzisana nezinhlaka zamaciko.