KULINDELEKE ukuthi lumenyezelwe namhlanje usuku olusha lomcimbi iDubane Spring Break ebizoba seShaka Marine World, eThekwini, ngoMgqibelo kodwa yabhuntsha ngenxa yemvula ebihambisana namakhaza abeshubisa umnkantsha.
Umcimbi waminyaka yonke uhlelwa yiqembu le-hip hop iDreamTeam.
Iqembu limemezele ngoMgqibelo ekuseni ukuthi umcimbi ngeke usaqhubeka ngenxa yesimo sezulu esingesihle.
“Njengabagqugquzeli beDubane Spring Break siphatheke kabi ngokuhlehlisa umcimbi wanamuhla ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla ethu. Kubalulekile ukuthi sinikeze abalandeli bethu nezethameli zomcimbi i-pool party eseqophelweni eliphezulu futhi ngenxa yokuthi isimo sezulu asivumi siphoqeleke ukuthi sihlehlisele olunye usuku,” kusho iDreamTeam.
Umcimbi ubhuntshe sekuhlelwe yonke into ngoba nesiteji bese sigxunyekiwe lapho bekuzoshiyelana khona inkundla amaciko okubalwa kuwo uCassper Nyovest, Da Les, Tipcee, Dladla Mshunqisi, Benny Maverick nabanye.
Kugqugquzelwe abese bethenge amathikithi ukuthi bawagcine ukuze bawasebenzisa ngosuku olusha ngoba “umcimbmi awuhoxiswanga kodwa uhlehlisiwe.”
Ngawo uMgqibelo ebusuku leli qembu lidlulele endaweni yobumnandi iRich Durban eSpringfield lapho bekuhlelwe khona umcimbi wokuqwashisa abantu ngeDubane Spring Break.
Bekuboshelwe uDJ Bongz, Pearl Thusi, Beast, Benny Maverick nabanye.