Ezokungcebeleka

Kuzokhunjulwa isihlabani somculo kamaskandi

Charles Khuzwayo|Published

UMJIK'JELWA Ngubane uzokhunjulwa emcimbini oseThe OZ Pub, eMoletsane, eSoweto

Image: SIGCINIWE

ISIHLABANI somculo kamaskandi esingasekho, uMjik'jelwa "Ichalaha LikaShafuza" Ngubane, sizokhunjulwa ngendumezulu yomcimbi ozoba seThe OZ Pub, eMoletsane kuNtsane Street, eSoweto ngoMeyi 30 kusukela ngo-4 ntambama.

UMjik'jelwa wadlula emhlabeni eseneminyaka engu-35 esibhedlela iKing Edward, eThekwini ngoMeyi 25, ngo-2018. Umgqugquzeli walo mcimbi, uThembi Ngubane, uthe enye inhloso ngalo mcimbi wukugubha iNyanga yamaGugu ase-Afrika njengoba ngoMeyi 25 kuyi-Africa Day.

Uthe kuzobe kusina kudedelana abaculi abaningi, kuze kuyolamula u-6 ekuseni ngoMgqibelo. Kubaculi abazobe benandisa kwiHonouring Mjik'jelwa Legacy, kubalwa uBuselaphi, Ezechalaha, Ismakwana SikaShafuza (uMnikezwa), Umzukulu KaShafuza, uMjovo Ngubane, uNdumane, Sebe Spring nabanye abaningi. Abaphathi bohlelo kuzobe kunguThembi noBlack Charmer. 

 UThembi, ongudadewabo kaMjik'jelwa futhi owasebenza kakhulu naye, uthe uvumelane  nabafowabo bakaMjik'jelwa, okuwuMnikezwa noBhekihonga ngokuhlonishwa kukamnewabo ngale ndlela.

UMnikezwa noBuselaphi bawushayele  elikhulu ihlombe lo mqondo ngoba bakholwa wukuthi  uzokwenza igama likaMjik'jelwa lingashabalali emlandweni womculo kamaskandi. UThembi unxuse noma ngubani owuthandayo lo mbono ukuba aweseke ngemali njengoba bengakabi nabo abaxhasi.

UMjik'jelwa waqala ukuvelela emaqenjini kaMgqumeni Khumalo, okungaBakwethu nakwiThwasa Lami, ngeminyaka yo-2000. Emuva kwalokho wabe esezimela, waba namaqembu akhe okubalwa kuwo uMjik'jelwa, Amangcukumane, Omenzelwa neChalaha LikaShafuza. Kubaculi asebedumile abaphuma ngaphansi kwesandla sakhe, kukhona uNtencane, Sminofu, Dulas Magubane, Lihle Xhakaza noSgabiso.

UMjik'jelwa uyibekile induku ebandla ngamanoni angasoze abuna okungelithi Bafikelwe, Mkhululi Wami, Emakhaya, Ngaphekwa YiBhova, Sengizodlala Amavaka namanye. Waqopha umlando kuma-Satma Awards njengoba aba wumculi wokuqala nowokugcina ukuhlabana ngomklomelo weMost Popular Song ngengoma yakhe eyayithi 20 Years Ago.

Akagcinanga lapho ngoba wabuye waba ngumculi wokuqala kamaskandi ukungena kwiTop 10 yengoma ehlukanisa unyaka oKhozini. Yize alala isine kodwa wahlula abaculi abanegama abanjengoBlack Coffee noProfessor Langa.

Ikhono likaMjik'jelwa belingaziwa kuleli kuphela kodwa naphesheya kwezilwandle abaziwa amagalelo akhe. Yingakho ngomunye unyaka iqembu lakhe, Ondabuzekwayo (ayebophele kulo u-Ali Mgube noMthandeni), lamenywa emcimbini owawuhanjelwe ngabamhlophe e-Amsterdam, eNetherlands. Kubaculi abuye wasebenza nabo kubalwa uBig Zulu, Indidane, Dumisile Manana weMithente, uShwi Mantombazane, uSmonyo Ndlovu neMfezemnyama.

UThembi uthe amathikithi aseyatholakala ngokumfonela  ku-079 999 2206.

UMJIK'JELWA Ngubane uzokhunjulwa emcimbini ozoba seThe OZ Pub, eMoletsane, eSoweto

Image: SIGCINIWE