Ezokungcebeleka

Kuzohlonishwa uMadala Kunene kuGu Jazz Festival

Fanelesibonge Bengu|Published

INKAKHA ye-jazz, uMadala Kunene

Image: SIGCINIWE

KUZOHLONISHWA inkakha ye-jazz, uMadala Kunene, emcimbini wokwethula kabusha kwe-Ugu Jazz Festival oGu Sports & Leisure Centre, eGamalakhe, ngoMgqibelo.

Ugu Jazz lwethulwa kabusha ngemuva kweminyaka emihlanu lwagcina ukwenziwa.

Umhleli womcimbi, uSiyabonga Msomi, uthe amalungiselelo ahamba kahle ngoba baqalile nokufaka itende elisandilinga i-dome, ukuze izethameli zingagodoli.

“Sifuna ukuthi noma ubani ofuna ukuza angabi nenkinga yamakhaza ngoba kuzobe kufudumele ngaphakathi,” kusho uMsomi.

Xolly Mncwango

Image: sigciniwe

Uthe bakhethe ukuhlonipha uKunene ngamagalalelo akhe ngoba uyingqalabutho ye-jazz KwaZulu-Natal.

Uqhube wathi kuzobe kuboshelwe uZonke Dikana, Ami Faku, Mondli Ngcobo, Bongani Nkwanyana, Tender Mavundla, Olefied Khetha, DJ Bruce, abasakazi beGagasi FM nabanye.

“Kulo nyaka sisawethula kabusha umcimbi, akukabi yiwona kodwa kuzothi ngonyaka ozayo bese kuba yindumezulu,” kuchaza uMsomi.

Uthe amathikithi atholakala eTicketpro ngo-R150 kuthi iVIP ibe wuR600. Kuqalwa ngo-5 ntambama kuze kube yizintatha.

Ugu Jazz Festival lwethulwa ngokubambisana nomcimbi i-Offramp Experience. NgoLwesihlanu uthe bazoba neWorship Experience, eyingxenye ye-Offramp Experience.

Nayo izoba soGu Sports & Leisure Centre. Kuzobe kukhona uXolly Mncwango, Jumbo, Linda Sibiya, Hlengiwe Mhlaba, Malusi Mbokazi, Thabile Myeni, S'thabile Manyambose, Sbucy Msimang, Mphrofethi Msimang nabanye.

Kungenwa ngo-R100 kuthi iVIP ibe wu-R300.