UZamambo Mkhize odume ngelentombi yodumo ozohlonishwa ngokuhamba phambili ekugqugquzeleni umcimbi okhuthaza ukuziphatha kwezintombi Amatshiwelele, lapho kuzohlonishwa khona onomehlo nabo abanesandla ekugadeni izintombi ukuthi ziqhubeke nokuziphatha kahle
Image: Sigciniwe
KULINDELEKE ukuthi kuhlonishwe abesifazane abaziwa ngonomehlo abahlola izintombi baphinde bahambe nazo uma ziya emicimbini ehlukene.
Lokhu kuzokwenzeka emcimbini Amatshiwelele Festival, ngoMeyi 24,okungumcimbi wokubungaza amantombazane azigcinile ubuntombi bawo.
Abahleli bawo sebeveze ukuthi amathikithi abedayiselwa izintombi asephelile kanti amanye awamalungu omphakathi nawo sekusele amancane.
UNocssy Khasibe obhekelele onomehlo, uveze ukuthi ngabe kwenziwa iphutha uma kuwukuthi benza uhlobo olufana nalolu lo mcimbi kodwa bangabongwa abesifazane abenza umsebenzi omkhulu wokugada izingane.
“Siyawubonga umsebenzi owenziwe abahleli balo mcimbi. Nathi sibe sesingenelela ngokuthi sibheke umkhakha wamatshintshi kanye nomama ababagadile. Ngosuku lo mcimbi sobabonga ngomsebenzi abawenzile. Sifuna ukubahlonipha ngezipho abangeke bazilibale kalula. Sikhethe ukuthi sisebenzise izinkundla zokuxhumana ukuthi okokuqala bakhethe onomehlo abaqhamuka ezindaweni ezihlukene abafuna bahlonishwe kanye nezintokazi ezimbalwa eseziyibambile kule ndima,” kuchaza uNocssy.
Uveze ukuthi bazowinisa ngamafoni, amakhompyutha nezinye izipho ukubonga umsebenzi omuhle owenzeka emphakathini.
“Umcimbi siwubiza ngokuthi Hlala Ngentombi sihlela ukuthi uma umcimbi wamatshitshi ulokhu uqhubeka sibabonge unyaka nonyaka omama nezintombi. UZamambo okunguyena ohamba phambili kulo mcimbi, bazomhlonipha ngegalelo lakhe lokusukumisa zonke izintombi kuleli ukuthi zihambele lolu hlobo lo mcimbi,” kuchaza yena.
NgeSonto njengoba kuwusuku lo mama uthe bazoba nesidlo esibalulekile nonomehlo eMushroom Lounge eMhlanga.
Konomehlo abakhethiwe kulo nyaka kubalwa uMama uMdlalose weqembu Amanono, Angelina Zwane, Mancengwa Ndlela, Mamgwegwe Gwala, Mama Nzuza, Makhosi Phenyane, Thobile Makhoba nabanye.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kubungazwe ukuziphatha kahle kwentsha yamantombazane okuzobe kuhambisana nezikhulumi eziqhamuka ezindaweni ezehlukene, ezizowakhuthaza ukuthi aqhubeke nokuziphatha.
Kuwona kuyobe sekunandisa abaculi okukhona kubo uDJ Boonu, Big Nuz, Sgwebo Sentambo, Gatsheni, Ayanda Ntanzi, Inkosi Yamagcokama, Mafikizolo, Magaga nabanye.
Related Topics: