YIZE uZahara aveza ukuthi iTS Records imkweleta uR10 million kodwa abameli bakhe bathe basaqoqa ubufakazi ukuze baphume nesamba esifanele.
Ummeli kaZahara, uNksz Buhle Tonise weTonise Attorneys, uthe okwamanje abakwazi ukudalula ukuthi bafuna malini kwiTS Records nakuSanele Dlamini abamsola ngokuxhaphaza lesi sihlabani somculo we-Afro pop.
Uthe basaqoqa wonke amaphepha afanele ukuze bangalenzi iphutha lokusho imali okungesiyo, bagcine sebezisola.
Uqhube wathi abafuni ukuxhamazela ngoba leli cala libucayi, lithinta nokuthunaza isithunzi sabathile.
Ebuzwa ngezinsolo zokuthi iTS ihlela ukubopha uZahara ngokucekela phansi igama layo, uthe akukho asebekutholile okuvela kwiTS ngalolu daba, bagcina ngokufunda ngalo ezinkundleni zokuxhumana.
“Angiboni ukuthi iTS izombopha uZahara. Banayo yonke imininingwane ngakubona. Siyohlangana nabo enkantolo. Kumele kuvele obala ukuthi ubani onamanga phakathi kukaZahara nabo,” kusho uNksz Tonise.
Uthe uma uZahara enamanga konke kuyonekwa obala njengoba nezinsolo zokuxhashazwa kwakhe ezinekele izwe.
Uveze ukuthi abanavalo lokubhekana neTS noDlamini enkantolo ngoba inkantolo isebenza ngobufakazi.
Ephawula ngezinsolo zikaDlamini zokuthi uZahara usamkweleta i-albhamu eyodwa, uthe balinde uDlamini ukuthi alethe ubufakazi benkontileka esayinwe uZahara.
Phambilini uDlamini usabise ngokuvimba uZahara ngokucula emcimbini nokuqopha umculo bengakazilungisi izinkinga eziphakathi kwabo.
UNksz Tonise uthe uZahara uyaqhubeka nokusebenza ngaphandle kukaDlamini.
Uthe ayikho incwadi yokuvimba ukusebenza kukaZahara asebeyitholile.
“Sikhuluma ngento ebhalwe phansi. Ngizwile ukuthi uDlamini ulwa noZahara ngomcimbi iZahara and Friends azowenza ngenyanga ezayo.
Uma uZahara enenkontileka noDlamini asikwazi ukukuziba lokho. Yilungelo lakhe uDlamini ukuthi amthathele izinyathelo zomthetho uZahara uma ephula imibandela yenkontileka yabo,” kusho uNksz Tonise.
UZahara ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram ukuthi usenemenenja entsha * -Oyama Dyosibe, abantu okumele bathinte yona uma befuna ukumqasha. Ubonge nabalandeli bakhe ngokumeseka ebunzimeni.