KUBUNGAZWA ngedili lengoma ukubuyiselwa kwesilomo somsakazi woKhozi FM, uNgizwe “Zulu Charmer” Mchunu osanda kubuyiselwa emsebenzini kade exoshiwe kulo msakazo.
Abalandeli bomculo kamaskanda bazobhema bekholwe emcimbini Indlondlo Maskandi Festival onesiqubulo esithi Sinqobile Ngizwe Mchunu.
UKhozi FM lumangaze abaningi lushaya ungqimphothwe luthi lo msakazi wohlelo Isigqi Sezwe useyabuyela emsakazweni.
Lo mcimbi ozoba Ekhaya Meat Market KwaMashu namuhla, uhlelwa yinkampani Ishoba Music Production. Umqondisi kulesi sitebele sabaculi uZamo Magwaza uthe bakubona njengokunqoba kwamabhinca ukubuyiswa kukaNgizwe emsebenzini.
Uthe bebekhala ezimathonsi ngokuhamba kwakhe ngoba bayawababaza amagalelo akhe ezintweni zesintu.
“Nakuba singeke silibeke ngembaba ukuthi ubuyiselwe yithi abalaleli ngoba bekunezindaba ebezixoxwa ngaphakathi emsebenzini kodwa sibe nawo umthelela. Uzokhumbula ukuthi kuke kwaba khona ngisho imashi yokuzwelana naye,’’ kuchaza uMagwaza.
Nakuba uNgizwe esebuyiselwe emsebenzini kodwa kubuye kwavela izindaba zokuthi umisiwe emsebenzini ngoba kukhona okusaphenywa. Ubengakaze azwakale emoyeni selokhu ebuyele emsebenzini.
UZamo uthe kulo mcimbi kuzongenwa mahhala ngoba inhloso ukuzojabula kubungazwe lo msakazi oyintandokazi. Uthe balindele inqwaba yabantu abazifelayo ngomculo kamaskandi.
Kuboshelwe abaculi abehlukene kubalwa kubona uKhuzani, Igcokama Elisha, Dlubheke, Qhoshangokwenzakwakhe nabanye abaningi.
Umhleli womcimbi uthe bamlindele naye uNgizwe kulo mcimbi njengoba bemumemile ukuzobungaza naye.