U-ATLAS Duma ozohlonishwa ngenxa yamagalelo akhe emculweni we-jazz ezindondweni uMzansi Traditional and Cultural Awards eGermiston, eGauteng, ngoMgqibelo
Image: GUY VEZI
UMSAKAZI wohlelo lomculo we-jazz esiteshini somphakathi waKwaMashu, iVibe 94.7 FM, u-Atlas Duma, uzohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement kumaMzansi Traditional and Cultural Awards eDumisani Masilela Theatre, eGermiston, ngoMgqibelo, kusukela ngo-12 emini.
Kulo mcimbi, uDuma osakaza iThe Jazz Eye with Atlas Duma, uzobungazwa noLance Sterh, Phathaphatha Ngcobo, Thokozani Langa, Phinda Mtya-Matlala nabanye. UDuma uthe ukujabulela kakhulu ukuhlonishwa esaphila kulo mqhudelwano wezindondo. Leli ciko lidabuka eBulwer, kodwa selihlala eThekwini.
Ungumsunguli nomqondisi weSagiya Foundation futhi ubengunobhala-jikelele webhodi losomabhizinisi bamazwe ngamazwe, i-ACA (ArtsConnect Africa), ehlanganisa ophrojusa bemicimbi.
UDuma waphothula iziqu zeNational Diploma emkhakheni weJazz and Light Music eNatal Technikon, osekuyiDurban University of Technology (DUT). Wabuye waphothula isitifiketi emkhakheni weMusic Business, Events Management, Intellectual Property and Copyright Law eBoston Business College, ngo-2024.
UDuma useyahlonishwa emkhakheni womculo futhi usebhale inqwaba yezingoma ezisetshenziswe emafilimini nasemidlalweni yethelevishini. Usebenze njengomshayi wama-drums futhi engumxhumanisi webhendi eyayidlala emdlalweni weshashalazi ka-Edmund Mhlongo othi We are Alive Kids, waqondisa umculo emdlalweni kaHoward Msomi iBhambatha KaMancinza Musical futhi waqondisa umdlalo othi Izintombi. Ngo-1997, uDuma waphumelela iShell Road to Fame neSagiya Band.
Le bhendi yabuye yahlabana kwi-Old Mutual Jazz Encounter. UDuma wabuye wahlabana ngomklomelo weBest Music Composer. UDuma udidiyele umdlalo owawuthi Dim-Dep Musical. Uke wasebenza noMkhumbane Jazz Ensemble, Madala Kunene, Prof Rippon, Dr. Xolisa Dlamini and 16 Classical Orchestra. Ngaphansi kweSagiya Records, uDuma ukhiphe imisebenzi yabaculi abaningi abanjengoMthobisi Mthalane, Royalson, Nicky Shange, Gabriel YoungStar, Khaya Dladla, Vincent Mtetwa, Mduduzi Magwaza, Amabhungu, Khombisile, Nozuko Nguqu nabanye futhi waphrojusa ama-video oBongani Nkwanyana noXolisa Dlamini ngo-2021.
Ungumhleli wemicimbi eminingi okubalwa kuyo i-International Jazz Day Celebrations, Sagiya Celebrates KZN Jazz Legends, MCCD (Musical Collaboration in Cultural Diversity) ne- KZN International JazzFestival. Uthe ngo-2024, wanxenxwa wumphathi weVibe 94.7 FM, uLucky Dlamini, ukuba azosakaza uhlelo oluthi The Jazz Eye with Atlas Duma.
U-ATLAS Duma ozohlonishwa ngenxa yamagalelo akhe emculweni we-jazz kumaMzansi Traditional and Cultural Awards eGermiston, eGauteng, ngoMgqibelo
Image: GUY VEZI
U-ATLAS Duma ozohlonishwa ngenxa yamagalelo akhe emculweni we-jazz kumaMzansi Traditional and Cultural Awards eGermiston, eGauteng, ngoMgqibelo
Image: GUY VEZI