Ezokungcebeleka

Kuzobungazwa owavumbulula uRebecca noVuyo Mokoena

Charles Khuzwayo|Published

USIZWE Zako ozobungazwa esadla anhlamvana kulo nyaka

Image: FACEBOOK

UMAKADEBONA owavumbulula ikhono lezingwazi emculweni wokholo, uSizwe Zako, uzobungazwa esadla anhlamvana ngamagalelo akhe ekuthuthukiseni ezobuciko. Le liqhawe elinguSizwe yilona elaveza nowaqhakambisa ikhono lendlovukazi yomculo wokholo kuleli, uDkt Rebecca Malope nomufi uVuyo Mokoena. 

USizwe uzohlonishwa ngeziqu zobudokotela yisikhungo semfundo ephakeme sangakubo, iNelson Mandela University ngoLwesihlanu. Le ngwazi yomculo wokholo ne-jazz izobuye ibungazwe ngozakwabo emcimbini oseJoburg Theatre ngoJuni 15. Ngaphandle kukaRebecca noVuyo, uSizwe waveza uPeter Mokoena, Princess Mthembu, Israel Mosehla noNokwazi Dlamini. 

Lo phrojusa ongumdlali wophiyano ujabule kakhulu ngokuthulelwa isigqoko ngomsebenzi angawuyelanga esikoleni. Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ikhono likaSizwe laqala ngesikhathi ecela umama wakhe ukuba bengamthengeli izingubo zangoKhisimusi, kunalokho abamthengele uphiyano ngoba wayefuna ukulifunda.

Kwaba wukuqala kwefemu exoshe ikati eziko emindenini eminingi ngoba kusukela lapho uSizwe akabange esabheka emuva.Njengamanje umatasatasa nokucija abaculi bakusasa ngaphansi kwesikhungo sakhe sezobuciko iSizwe Zako Youth & Performing Arts Academy, ngokubambisana neNelson Mandela University. USizwe, odabuka eNew Brighton e-Eastern Cape, usewole inqwaba yezindondo kumaSouth African Music Awards nakumaCrown Gospel Awards. 

Vuyo Mokoena

Image: SIGCINIWE

Rebecca Malope

Image: SIGCINIWE