UMSAKAZI uPearl Modiadie ubuyele ekulingiseni njengoba esejoyine iRhythm City
UMSAKAZI weMetro FM, uPearl Modiadie, uyachichima yinjabulo njengoba ekhuze ibuya ekulingiseni ngeRhythm City izolo ebusuku.

UPearl usebenza ngokubambisana noThomas Msengana ekwethuleni uhlelo iLunch with Thomas & Pearl ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto.

KwiRhythm City udlala indawo kaThando ozodala inkathazo empilweni kaMampho.

Ekhuluma uthe ujabule ngokuba yingxenye yalo mdlalo onabalingisi abaseqophelweni eliphezulu futhi abathandwa ngabantu bakuleli.

“Kuyisibusiso kimi ukuba yingxenye yomdlalo oveza impilo yangempela yaseNingizimu Afrika. Ngiyajabula ngokudlala uThando futhi ngiyethemba nokuthi ababukeli bazomthanda,” kusho uPearl.

Phambilini kulo nyaka lo msakazi wakuveza ohlelweni lwakhe ukuthi usebuyele ekulingiseni futhi useqalile nokuqopha. Wathi ngeke akwazi kodwa ukusho ukuthi uyolingisa kuphi kodwa ujabule ngoba kade agcina.

Phambilini wayelingisa kwiGenerations kuSABC 1.

UPearl uzakhele udumo ngokuba wumethuli wezinhlelo zethelevishini.

Uqale ohlelweni lwabantu abasha iCraz-e ku-e.tv wethula nokubalwa kuzo iZaziwa nemicimbi yemiklomelo eyahlukene.