KUYAVULWA ukungenela imiklomelo amaSouth African Music Awards (Sama) ngoDisemba 1.
UNhlanhla Sibisi oyisikhulu esiphezulu seRecording Industry of South Africa (RiSA) eyengamele le miklomelo uthe konke sekumi ngomumo. AmaSama angonyaka ozayo kuzobe kungaka-28.
"Ngokujwayelekile siye sibe nemihlangano lapho sibuyekeza khona imiklomelo edlule bese sihlahla indlela ngeyangonyaka olandelayo. Ikomiti lihlala ngoSepthemba libuyekeze konke lokho bese kuba nezincomo ezenziwayo," kusho uNhlanhla.
Uthe kuzothi uma sekuphothuliwe konke lokhu bese ukungenela kuyavulwa ngoLwesithathu oluzayo ngoDisemba 1 kuze kuvalwe ngoJanuwari 31.
"Kunezinguquko esizozenza ngaphakathi zokwenza izinto zibe ngcono. Ukungenela kuzovalwa ngoJanuwari 31 ngoba vele abantu abaningi bangenela ngoJanuwari. Sesibonile ukuthi abanye bayalinda bakhiphe ngoDisemba kuthi abanye bakhiphe uma kuqala unyaka. Cishe u-80% wemingenelo esiyitholayo ingena uma sekuyophela uJanuwari," kuchaza yena.
Uthe baqalile ngamalungiselelo emiklomelo yangonyaka ozayo njengoba bekhiphe ithenda lenkampani ezohlela umcimbi.
"Lolo hlelo seluya ngasemaphethelweni sizokwenza isimemezelo maduze. Kukhona nelinye futhi esilikhiphile lenkampani ezosikhiqizela uhlelo lwethelevishini nakhona sizomemezela maduze," kusho yena.
Ithenda yenkampani ezokhiqiza uhlelo lwethelevishini iphume ngo-Okthoba yavalwa ngoNovemba 12.
Le miklomelo ibuyele kuSABC 1 kulo nyaka ngemuva kokusakazwa kuMzansi Magic ngonyaka odlule. Uhlelo olwalusakazwa kwithelevishini luqoshiwe lwalwethulwa nguLawrence Maleka noCandice Modiselle.