ITHEMBISA ukuwuvala ngegiya eliphezulu umdlalo iSmoke & Mirrors okhonjiswa kwi-e.tv phakathi nezinsuku ngo-9, ebusuku, inkampani iThe Final Chapter Production, njengoba lesi siteshi sesiveze ukuthi ngo-Ephreli ngonyaka ozayo, lo mdlalo uzofinyelela emaphethelweni.
Lo mdlalo oqoshelwa edolobheni laseNyameni elinezimayini, usukhonjiswe amasizini amathathu, kanti le ekhonjiiswa manje eyokugcina.
UZuko Nodada ongumqondisi nophrojusa walo mdlalo, uveze ukuthi bayalibonga ithuba abalinikwe yisiteshi sakwa-e.tv lokwenza umdlalo ofana nalona.
“Sibonga ukuthi basithembe ngokuthi sibenzele umsebenzi ofana nalona, ngawo esixoxa udaba olungajwayelekile obeluhlala ngaso sonke isikhathi lushiya ababukeli bomdlalo bebambe ongezansi. Kusuka ekuqaleni, besazi ukuthi umdlalo uzogxila kakhulu kuThandiswa, osohambeni lokuthi aphindiselele udadewabo owabulawa kabuhlungu owesilisa owaziwa njengekholwa, oyisithenjwa kwabaningi. Njengoba usuya emaphethelweni uzogoqwa khona lapho njengoba kumasizini amabili aphelile ekwazile ukuqeda ngabanye besilisa ababili ababeyingxenye yetulo lokubulawa kukadadewabo,” kuchaza uZuko.
Uthe okuzobonakala manje wukujaha owesilisa wokugcina afuna ukuqeda ngaye, okuyinto ezoba wumlando ngalo mdlalo.
“Ababukeli kumele babheke ukuthi ngabe uzokwazi yini ukuphumelela kulolu hambo lwakhe noma cha? Okusijabulisa kakhulu wukukhombisa udaba oluzoba nesisindo kakhulu oluzokwenza umdlalo uphele ngegiya eliphezulu, esingangabazi ukuthi ababukeli bayohlala besikhumbula isiphetho somdlalo,” kuchaza yena.
UVuyelwa Booi obhekelele izinhlelo zakuleli kulesi siteshi, uveze ukuthi bayaziqhenya ngokukhombisa umdlalo walolu hlobo, wathi abakubonile wukuthi uthathe izinhliziyo zabantu abahlukene.
“Sibonga inkampani, abasebenzi nabo bonke abalingisi ababe yingxenye yalo mdlalo kusukeka uqala kuze kube manje. Benze umsebenzi oncomekayo, ukuzinikela kwabo kwenze umdlalo waba kweminye eyenza kahle uma kuza kubabukeli kulesi siteshi,” kusho uVuyelwa.
Uthe bazoqhubeka nokukhombisa imidlalo evutshelwe kuleli futhi bazomemezela maduzane umdlalo ozovala isikhala salona njengoba uphela.