AKANEME umsakazi wesifazane othi ukhonjwe indlela yisiteshi somphakathi saseThekwini iMbokodo 96.8 FM ngemuva kokuxabana nozakwabo ongumfundisi ezindlini zokusakaza ezisePinetown.
UFaith Ngubo (21), obesakaza ngokuhlanganyela uhlelo lwasekuseni iRoyal Breakfast Show noSambulo Nkwanyana, uthe usanda kuxoshwa.
Lo msakazi watholana phezulu nozakwabo uMfundisi Sizwe Manqele kubangwa ukuphambana ngenkulumo ekhasini labasakazi balesi siteshi elikuWhatsApp.
UFaith wabe esefaka udaba lwakhe emaphoyiseni ngenhloso yokuzivikela kumfundisi, ayemsola ngokumbeka isandla.
Ethintwa uFaith uvumile ukuthi ubhuquza ekhaya kodwa wakhala ngokuthi abubanga bikho ubulungiswa ekuxoshweni kwakhe.
“Kwakufanele ngixoshwe nengimmangalele hhayi ukuthi ngixoshwe ngedwa. Kwakufanele sihlaliswe phansi, siquliswe bese icala lingilahla ngaphambi kokuxoshwa kodwa lokho akwenzekanga,” kusho uFaith.
FUNDA:
UFaith uthe wavele wabizwa maqede watshelwa amaphutha akhe. “Ngasuka lapho ngaya enkantolo ngayosula incwadi eyayivimba umfundisi ukuthi angasondeli kimi engangiyifakile. Sengizihlalele endlini kwangena umyalezo ngeSMS uthi sengixoshiwe emsebenzini.”
Ebuzwa umphathisiteshi uSandile Ngema uthe bewumsakazo bathathe isinqumo sokummisa uFaith ukuze alungise izinkinga zakhe.
“Sithe asimmise ngoba waphula imigomo yomsakazo ngokudlulisa udaba lwakhe emaphoyiseni nasemaphepheni ekubeni bengazi abaphathi besiteshi. Kwakufanele aqale alubikele thina siluxoxe ngaphambi kokudlulela kwezinye izinhlaka ezingaphandle komsakazo. Lokho kwafana nokuthi udicilela phansi igama lenkampani.”
UNgema uthe abamxoshile uFaith kodwa bafuna alungise izinkinga zakhe ngoba bekungasasebenzeki kahle naye esaxakwe yizinkinga.
“Uhlelo abelwenza lwasekuseni lukhulu kakhulu ukuthi ubengalusakaza esabhekene nezinkinga. Sizozama ukumfunela usizo ukuze abuye kahle esekulungele ukusakaza,” kusho uNgema.
UFaith uthe akasathembi lutho ngoba washaywa wumsakazi kodwa kwaxoshwa yena engumgilwa.
“Njengamanje ngigxile ebhizinisini lami lokudayisa izikhwama zabantu besifazane iFaith Ngubo Collection. Yilo engisenza ngalo imali ukuze ngikwazi ukuzondla futhi ngikhokhele nerenti eflethini kodwa khona ngilimele ngoba ngiyakuthanda ukusakaza futhi nginesiphiwo. Angikwazi ukuphila ngaphandle kokusakaza,” kusho uFaith othe waxolisa kakhulu ngesenzo
sakhe.
“Yingakho ngayicisha nencwadi evimbela umfundisi,” kuphetha uFaith.