UMSAKAZI woKhozi FM owazakhela udumo ohlelweni lukamaskandi uS’giya Ngengoma, uNgizwe Mchunu, sekuvele ukuthi ukhonjwe indlela kulo msakazo kulandela ukumiswa kwakhe ngezinsolo zokupotshozela abezindaba izindaba zomsakazo.
Isolezwe ngase kuqaleni kwale nyanga libikile ngokumiswa kukaNgizwe oKhozini ngaleli cala okusolwa ukuthi walenza nyakenye.
Imthombo engaphakathi emsakazweni yazise Isolezwe ukuthi ibhantshi ligcine ligcwale umoya kulo msakazi ngasekuqaleni kwaleli sonto.
Akukacaci ukuthi kuzokwenzekani ngabanye abasebenzi abamisiwe oKhozini okubalwa kubo uBheka 'Beekay' Mchunu noSandile Mdlalose oyiTechnical Producer. UBheka Mchunu umiswe kulo msakazo ngezinsolo zokuphawula ngoLinda 'Mr Magic' Sibiya yize abasakazi babedonswe ngendlebe ukuthi bangaphawuli lutho ngaye. Lokhu kulandela ukunqoba kukaMr Magic icala elamxoshisa kulesi siteshi.
UMdlalose uyiTechnical Producer yezinhlelo Isithakela Isizwe, uhlelo lukamaskandi ngoMgqibelo iS'giya Ngengoma nolomculo opholile lwangeSonto, Ezingasoze Zabuna. UMdlalose umthombo waveza ukuthi wamiswa ngesizinsolo zokuthi ufaka umculo wakhe kuS’giya Ngengoma. Ngesikhathi ethintwa yiSolezwe wakuchitha ukuthi umisiwe.